Ezemidlalo

ICity kumele ibalwe namaqembu aphambili e-England - Foden

Intatheli Yediski|Published

UPHIL Foden oshaye igoli iManchester City ehlule ngalo iTottenham Hotspur emdlalweni weligi UPHIL Foden oshaye igoli iManchester City ehlule ngalo iTottenham Hotspur emdlalweni weligi

IMANCHESTER City kumele ibalwe namaqembu aphambili emlandweni kanobhutshuzwayo wase-England uma iphumelele ukuvikela isicoco sayo sePremier League kule sizini.

Lokhu kushiwo ngumdlali wayo wasesiswini osemncane, uPhil Foden, oshaye igoli behlula iTottenham Hotspur ngo 1-0 ngeSonto.

Lelo goli libeke iCity emaphuzwini angu-86 emidlalweni engu-34. Isele ngamaphuzu amabili kwiLiverpool esidlale ka-35. Uma iCity iphetha ngokusivikela isicoco sePremier League, izoba yiqembu lokuqala ukwenza lokhu eminyakeni engu-10.

Guardiola accuses Solskjaer of trying to influence #ManchesterDerby ref pic.twitter.com/Brok5zPpAR

— The Sun Football ⚽ (@TheSunFootball) April 24, 2019

UFoden uthi le sizini ingcono kakhulu ukunedlule abayinqobe ngegebe lamaphuzu angu-19.

“Uma singakwenza lokhu (ukuvikela iligi), abantu kuzofanele baqale bacabange ukuthi singelinye lamaqembu anzima emlandweni,”kusho uFoden.

“Alikho iqembu elingcono ukunaleli engingaba kulo.

“Bone abadlali bafuna ukulwela iqembu futhi asibambeki ngaleyo ndlela. Sinqoba iligi ngokudlule besiphambili kude le kodwal okhu kungcono ngoba sithole inselelo, kunabantu abasibangisayo.”

ICity idlala nezimbangi iManchester United, engayazi induku ekhaya emidlalweni engu-14 yeligi ilandelana, e-Old Trafford ngo-9 ebusuku.

“Ngumdlalo onzima ukuya kwi-United udlale kahle, kodwa singakwenza lokho,”kusho uFoden. “Uma sinqoba lowo mdlalo, sizoshoshela. Kusele kithi, asinqobe yonke imidlalo yethu, kuzobe siyayinqoba iligi.”

Kungenzeka nokho uFoden (18) aqale ebhentshini namuhhla kwazise uDavid Silva ukhona.