Ezemidlalo

Zishaphi ngoTokelo Rantie neCape Town City?

Potshoza|Published

UTOKELO Rantie esingaqondakali isimo akuso kwiCape Town City FC. Isithombe: Sydney Mahlangu/ BackpagePix UTOKELO Rantie esingaqondakali isimo akuso kwiCape Town City FC. Isithombe: Sydney Mahlangu/ BackpagePix

“OKUNGAYIKHONA okungakuhle ukuthi singagiyi ngethambo lakhe kepha simeseke futhi simsize konke lapho edinga khona usizo lwethu”.

Lawa ngamazwi kaJohn Comitis ekhuluma ngoTokelo Rantie ongaseyona ingxenye yeCape Town City.

Ngeke kwaphikwa ukuthi uRantie ubeke abe sematheni ngokuhlwekile kunamangwevu akhe okubhakuzisa inethi. Iqhawe lakho uPotshoza lihoshile ukuthi uRantie, osehlale isikhathi eside engabonakali enkundleni, ubhekene nenkinga enkulu ethinta uphuzo oludakayo kanti uyahlukanisa nonkosikazi wakhe.

“Okusemqoka ukumsiza ngoba inkinga abhekene nayo manje ingaphezulu kwebhola. Angikholwa ukuthi kungaba ukumsiza uma singanekela lonke izwe izindaba zakhe ezithinta yena ngqo. Eqinisweni akekho umuntu ongakujabulela lokho. Asimlahlile. Simeseka ngakho konke akudingayo yize esengeyena umdlali wethu. Akekho ongalazi ithalente lakhe uma esenkundleni futhi angingabazi ukuthi usazobonakala egingqa amadoda kuleli noma phesheya kwezilwandle,” kusho uComitis.

URanti uqale ukugqama kwiMalmo FF yaseSween okulandelwe ukuthi aze athathe iso leBournemouth ebisadlala kwiChampionship yase-England. Uke wabuyela ekhaya lapho efike khona wadla izicoco ne-Orlando Pirates.

Ubuyele phesheya kodwa wagxuma esuka eBelgium waya eTurkey kodwa nakhona wahamba sekuxatshanwa.

NakwiBafana Bafana ake waba yisethenjwa sayo kodwa kunezikhathi lapho ebebuye angalubhadi ekhempini okuyinto ebimxabanisa kakhulu nowayengumqeqeshi ngaleso sikhathi u-Ephraim “Shakes” Mashaba.

“Ayikho into edingwa uRantie njengamanje ngaphandle kokwesekwa akhonjiswe uthando bese izindaba zakhe ezibhekene naye ngqo zinganekelwa izwe lonke,” kusho uComitis.