Ezemidlalo

Kuphelile ku-Eymael neFree State

Intatheli Yezemidlalo|Published

OBENGUMQEQESHI weFree State Stars uLuc Eymael. Isithombe: BACKPAGEPIX OBENGUMQEQESHI weFree State Stars uLuc Eymael. Isithombe: BACKPAGEPIX

AKUPHELANGA ngisho amahora ambalwa kusule obengumqeqeshi weBlack Leopards, uJoel Masutha, kwase kuvela ukuthi uLuc Eymael obecija iFree State Stars usehlukene neqembu ngoMsombululo.

Ngokwemibiko iFree State no-Eymael bavumulane ngokuthi kuhlukanwe ngenxa yemiphumela yakamuva ebingahambi kahle. Kuke kwavela phambilini ukuthi abaphathi beFree State bake basikaza ukumxosha u-Eymael kodwa babuye bashintsha imiqondo.

IFree State isendaweni yesishiyagalolunye kwi-log ye-Absa Premiership. Emidlalweni ewu-14 esiyidlalile isawine emithathu, yadlala ngokulinga emine yase ishaywa kweyisikhombisa. Ngempelasonto ishaywe yiSuperSport United ngo 1-0.

Lo mqeqeshi uxoshwa nje bekunemibiko yokuthi iKaizer Chiefs yayimufuna.