Ezemidlalo

Umqeqeshi wePirates ubhuqe iChiefs ngomgadli wayo

Potshoza|Published

URulani Mokwena oyiphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates othe iKaizer Chiefs ayinabo abaqeqeshi abasezingeni. Isithombe: Sydney Mahlangu/BackPagePix URulani Mokwena oyiphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates othe iKaizer Chiefs ayinabo abaqeqeshi abasezingeni. Isithombe: Sydney Mahlangu/BackPagePix

UKHOMBISA izimpawu zokuba sefomini kulezi zinsuku umqeqeshi we-Orlando Pirates oyiphini uRulani Mokwena.

 

Uqale watshela iChiefs ekhaleni ukuthi inabo bonke abadlali kodwa ayinaye umqeqeshi. Akuphelanga isikhathi esingakanani waqholoshela iChiefs ngokumazi kwakhe umgadli waleli qembu waseColombia, uLeonardo Castro. 

Sekunesikhashana engabonakali uCastro ngenxa yokulimala kodwa kunamahlebezi okuthi angase abonakale enkundleni uma sezibhekene kowabakhaya baseSoweto engoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, eFNB Stadium.

Esithangamini nabezindaba uMokwena uthe akukho angakulalela uma kukhulunywa ngokulimala noCastro ngoba uyena omazi ukusuka nokuhlala.

“Asikho isidingo sokwenaba ngoCastro ngoba emdlalweni wabakhaya uzobe engekho, ngaphandle uma kukhona umlingo iChiefs engawenza ukuthi alulame ngokugcwele. Ngikholweni ukuthi ngiyamazi lo mdlali. Uma ethi ulimele akukho ongakwenza njengomqeqeshi. Uvele abhekise amabombo kumkakhe eColombia uma elimele. Uzwa sekuthiwa usewathengile namathikithi okundiza okuyinto eyenza wena njengomqeqeshi ungabe usaba nalo ithuba lokumvimba. Kwamanje ngeke ngimangale uma kungathiwa akekho eNingizimu Afrika ngoba uma elimele uyahamba aye kumkakhe,” kusho uMokwena.

FUNDA:  IChiefs ishoda ngomqeqeshi: Rulani

Kwale noma esetshelwa uMokwena ukuthi uCastro ukhona futhi angase aqale ukuziqeqesha ngokugcwele ngoMsombuluko kodwa waqhubeka nokukhuluma sakubhuqa.

“Uqala nini ukuziqeqesha?” Ubuze kanje lo mqeqeshi. 

Uqhube wathi: “Uma nithi uqale ngoMsombuluko ukuziqeqesha ubebuye nini eColombia? Unjani umkakhe unitshelile? Ngiyamazi uCastro mina ngakho kholwani mina uma nginitshela ngaye.” 

“Bayatholana manje noKhama (Billiat) ngakho kumele sizibambe ziqine, uma ekhona. Kungcono kodwa ngoba uzobe edlala okokuqala ngemuva kwesikhathi eside. Kuzobe kunzima kuyena lokhu, uma ezobe ekhona. Iqiniso lapha ukuthi iChiefs izobe ithatha amashansi uma imdlalisa kodwa sizobona,” usho kanje uMokwena sakubhuqa.

Ungaphuthelwa uPotshoza ephephandabeni lakho ngoLwesithathu!