ANDRIAMIRADO ANDRIANARIMANANA ANDRIAMIRADO ANDRIANARIMANANA
SIGCINE sifikile izolo isikhwishikhwishi saseMadagascar esisayine kwiKaizer Chiefs, * -Andriamirado Aro Hasina ‘Dax’ Andrianarimanana, osayine ngoJuni.
Bese kukhona ungabazane ngalo mdlali njengoba bekukhona imibiko ebithi iqembu abelidlalela ngakubo, iFosa Juniors, engaphansi kweMalagasy Football Association, ibinqaba namaphepha amgunyaza ukusuka ezweni lakhe.
UDax kulindeleke ukuthi avale isikhala sikaReneilwe “Yeye” Letsholonyane kwiZimpofana owashiya leli qembu wajoyina iSuperSport United eminyakeni embalwa edlule.
“Ngijabule kakhulu ukuba seNingizimu Afrika. Yinhle kakhulu neNaturena. Bengilokhu ngiyilandela njalo iChiefs kuFacebook ukuthola okuqhubekayo,” usho kanje uDax kwi-website yeKaizer Chiefs naku-Twitter weqembu ngesikhathi efika eNaturena izolo ekuseni.
UDax umenyezelwe yiChiefs ngesikhathi esisodwa noKhama Billiat noLetlhogonolo Mirwa asebeke babonakala bedlubhe imibala yeZimpofana. Lesi sihlabani saseMadagascar sishaye into ecokeme kwiCosafa Cup ebiseNingizimu Afrika ngoMeyi yasongwa ngasekuqaleni kukaJuni. UDax ube ngumdlali ovelele kulo mqhudelwano.
“Sisebenze kanzima ukuletha lo mdlali kwiChiefs. Njengamanje simatasa sihlanganisa amaphepha amgunyaza ukusebenza kuleli, nokunye okuthinta ukuhlolwa kwakhe ngokwempilo. Okubaluleke kunakho konke wukuthi ugcine efikile nengicabanga ukuthi kuzobathokozisa abalandeli,” kusho imenenja yeChiefs uBobby Motaung kwi-website yaMakhosi.
Nakuba esefikile uDax kwiChiefs, kungenzeka kuthathe isikhashana ukuthi adlale umdlalo wakhe wokuqala ngenxa yokuthi ubengekho iqembu lizilungiselela isizini entsha. Lokhu kungenza ukuthi kumthathe isikhathi ukujwayela ozakwabo abasha.