IMENENJA jikelele yaMaZulu uLunga Sokhela eyehlelwe umthwalo wokusinda kwezakhe ezembeni Isithombe: BACKPAGEPIX IMENENJA jikelele yaMaZulu uLunga Sokhela eyehlelwe umthwalo wokusinda kwezakhe ezembeni Isithombe: BACKPAGEPIX
KUZWAKALA kwehle umthwalo kwimenenja jikelele yaMaZulu, uLunga Sokhela, ngemuva kokuthi izibalo zamaphuzu aqoqwe yileli qembu zikhomba ukuthi ngeke lisadliwa yizembe njengoba sekusongwa isizini ka-2017/2018.
AmaZulu azosonga imidlalo yePremiership ngomdlalo azowudlala neCapeTown City, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza ngoMgqibelo.
Ukuba uSuthu lugawulwe yizembe ngaphandle kwabaqondisi beqembu kodwa abantu abebezobhekana nokukhonjwa ngenjumbane nguSokhela nemenenja yabadlali uQedusizi Dlamini okuyibona abebebhekene nokwenziwa kwezinto kwansuku zonke zeqembu.
Exoxa ngempumelelo yeqembu yokugwema ukugawulwa yizembe ngemuva kokuthi kade lithenge ilungelo leThanda Royal Zulu, lokudlala esigabeni esikhulu uthe bebebhekene nengcindezi njengoba abanye abantu bebefisa sengathi bangagawulwa yizembe ngoba bathenga ilungelo lokudlala kwiPremiership.
“Ngingathi khona sesikhululekile ngoba sikwazile ukuhlala kwiPremiership njengoba abanye abantu bebefisa sengathi singaba ngelinye lamaqembu adliwe yizembe khona bezosenza inhlekisa.
“Ngicabanga ukuthi sisebenze kahle kakhulu ngale sizini uma ubheka ukuthi izembe ligqolozele amaqembu obekungaphushwa ukuthi angazithola ekulesimo akusona.
“Ubani obengacabanga ukuthi iPlatinum Stars ingadliwa yizembe nokuthi i-Ajax CapeTown, Polokwane City neSuperSport kungaba amaqembu athembele emidlalweni yokugcina ekutheni aqinisekise ngekusasa lawo kwiPSL,” kubeka uSokhela.
Ebuzwa ukuthi ngabe yiziphi izinhlelo abanazo ukuqinisekisa ukuthi ngesizini ezayo ziyaqala ukubonakala izithelo zokubuyisa imali okwathengwa ngayo ilungelo lokudlala kule sigaba uthe banazo kodwa ngeke baxhamazele ngazo.
“Ngicabanga ukuthi ngesizini ezayo sizokuba yiqembu elihlangene kunalokhu ebeliyikhona. Kwesinye isikhathi abadlali badinga ukudlala ndawonye isikhathi eside ukuze baqale ukuletha izithelo.
“Nakuba sizoqinisa ngabanye abadlali kodwa ngeke sisayinise babe baningi ngoba sifuna ukugcina abadlali esinabo asebekhombisile ukuthi bangenza okungcono ngesizini ezayo.
“Okunye asifuni ukugudluka emigomeni yethu yokunikeza abadlali abasebancane ithuba.
“Kumqoka kakhulu ukuthi uthake kahle abadlali abancane nalabo asebevuthiwe ukuze ungaphazamisi umgqigqo weqembu ebelivele likhona nebeselinezimpawu zokuba yimbumba,” kusho uSokhela.
Phezu kokuthi AmaZulu engeke esadliwa yizembe kuphinde kube nenhlansi yethemba lokuqeda kwiTop 8 uma kungenzeka linqobe umdlalo wokugcina beselithembela kwamanye amaqembu ekutheni abenzele kungcono.