BENNI MCCARTHY BENNI MCCARTHY
UMA kungukuthi amahlebezi adlule ezindlebeni zikaPotshoza ayiqiniso umdlalo weCape Town City naMaZulu ngoMgqibelo eKing Zwelithini Stadium, kuzobe kungowokugcina kuBenni McCarthy oyinhloko yabaqeqeshi.
Lo mqeqeshi owaduma kakhulu ngokuhlohla amagoli emhlabeni wonke esengumdlali akafuni ukuphumela obala uma ebuzwa ngekusasa lakhe. Azimisele ukukusho ukuthi unenkontileka esalelwe unyaka kuCity. Akekho kuleli kwazise useScotland lapho eyophothula khona izicucu zakhe kwezokuqeqesha.
Indaba yaseScotland uyihabulile uPotshoza njengezinye izizathu ezenza uMcCarthy abe manqika nokuqhubeka nokuqeqesha kuleli. Indodakazi nomkakhe bahlala eScotland manje lo mqeqeshi unenkinga njengoba umndeni wakhe use-Europe kodwa yena eseNingizimu Afrika. Ukuhabulile futhi uPotshoza ukuthi enye imbangela enkulu ekutheni uMcCarthy angajabuli ngokwanele indlela abuye agxambukele ngayo uJohn Comitis ongusihlalo weqembu. “Ngiyathemba ukuthi ngesizini ezayo noma ngabe ikuphi lapho ngizobe ngiqeqesha khona ngizohlonishwa ngoba kuzobe sekuyisizini yami yesibili. Le esongwayo inginike izinkinga eziningi ngoba bengikhunjuzwa ngaso sonke isikhathi ukuthi ngiwumqeqeshi omusha,” usho kanje lo mqeqeshi beqeda ukunqoba ku-Orlando Pirates ngempelasonto.
USUKU OLUSHA LOKUQONDISA I-CHIEFS IZIGWEGWE
IPREMIER Soccer League (PSL) isilukhiphile usuku olusha lweKaizer Chiefs lapho kufanele izophendula khona ngokuziphatha kwabalandeli bayo muva nje eMoses Mabhida Stadium, eThekwini beqeda ukukhishwa yiFree State Stars kuNedbank Cup.
Amakhosi bekumele aqondiswe izigwegwe ngoMeyi 3 ngobulwane obenziwe abalandeli bawo belimaza impahla enkundleni baphinda balimaza onogada. NoPotshoza iqhawe lakho liloba lapha nje, lasinda ngokulambisa kubalandeli beChiefs ababengasakhuzeki. Ngendlela abebenolaka ngayo kwaze kwabaleka ngisho amaphoyisa. Lokhu kuqondiswa kwezigwegwe bekumele kube kusasa kodwa i-PSL yakuhlehlisa lokhu ngenxa yezizathu ezingachazwanga.
Usuku olusha seluzoba ngoMeyi 9 ngo-6 ntambama, emahhovisi ePSL, eGoli. Phakathi kwamacala abekwe iChiefs lapha kukhona elokuhudulela phansi isithunzi sePSL nokungaziphathi kahle. Ngo-Ephreli 21 abalandeli beChiefs bahlulekile ukwamukela ukuthi bazoqeda isizini yesithathu beshiba izandla babona kungcono ukuthi bangene enkundleni ngenhloso yokuhlasela obengumqeqeshi weChiefs, uSteve “Mphathi” Komphela. Ukuthi impahla nonogada bese bengenaphi, noPotshoza ngeke akuphendule. Kukhona ngisho abafunelwa ukweba kwazise eminye imishini yokusebenza yezinhlangano zokusakaza zagcina zebiwe. IChiefs ingena kulolu bishi nje ivele ino-R200 000 olengisiwe ngobudlova obenziwa abalandeli bayo eFNB Stadium ihlulwa iChippa United koweligi.
DENIS ONYANGO
U-KLATE USENAYE UNTANGA EKUDLENI IZICOCO ZE-PSL
UKUDLA kweMamelodi Sundowns isicoco sesishiyagalombili emlandweni wePremier Soccer League (PSL) akukona kuphela okuyisipesheli okwenzekile kuleli qembu likaPatrice Motsepe kodwa kusize uDenis Onyango wangena emlandweni wokuba umdlali wesibili kule ligi ukudla isicoco sesithupha seligi.
UDaine Klate weBidvest Wits uyena obephethe lesi sicoco kwazise udle iligi neSuperSport kusukela ngo-2008 kwaze kwaba * -2010 njengoba ephinde wasidla lesi sicoco kabili ne-Orlando Pirates kaRuud Krol. Ngesizini edlule uKlate uzifake emlandweni esiphinda lesi sicoco neWits okumenze waba okhethekile emlandweni wePSL (ngezicoco eziyisithupha).
Ngesikhathi uKlate edla lezi zicoco kuSuperSport ubenoDennis Onyango weMamelodi Sundowns. U-Onyango osemabhukwini eSundowns usemficile uKlate ezicocweni eziyisithupha kwazise lesi ayosiqukula ngoMeyi 12 kuzobe kungesesithathu ekuSundowns. Usenaye untanga uKlate njengoba sebeneziyithupha bobabili no-Onyango wase-Uganda oke waqokwa njengonozintiovelele e-Afrika kwabazinze kuleli zwekazi.
MBONGENI MZIMELA
UNETHEMBA LOKUNGAYI EHLATHINI OWE-DIKWENA
USAHLALELE ethembeni lokuvika izembe umdlali wePlatinum Stars uMbongeni “Kati” Mzimela.
Ngokwezibalo iDikwena isigawulwe yizembe kodwa uMzimela usenalo ithemba lokuthi zizojika izinto.
UPotshoza ubemlalele ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo wezakhe neLamontville Golden Arrows ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu ngempelasonto.
“Akukho mnandi ukushaywa kodwa ithemba ngeke sililahle. Abaqeqeshi bayasigqugquzela ngoba necala likaNdoro (Tendai) alikapheli. Sizozwa ukuthi udaba lwakhe luhamba kanjani. Thina sigxile emdlalweni wethu wokugcina. Uma sithola amaphuzu amathathu bese bona bethathelwa amaphuzu sisethubeni lokuya kweyokuhlunga,” kusho uMzimela.
Ngempelasonto iDikwena iguqiswe yi-Arrows ngo 3-2 emdlalweni weligi ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
UNdoro ubhekene necala lokuphula imithetho yeFifa ngokudlalela amaqembu amathathu kule sizini.
Udaba lwakhe lusezithebeni zePremier Soccer League. Uma etholakala enecala kungenzeka ukuthi i-Ajax iphucwe amaphuzu ewathole kudlala uNdoro.
“Ithemba likhulu kakhulu. Izikhulu zeqembu ngabantu abaqinile. Asikwazi ukubheka kwenye indawo sisabhekene nalento. Sizimisele ngokulwa kuze kube yisekugcineni. Uma sesibona ukuthi sekuphelile sizobe sesihlala phansi sibhunge ngendaba yezinkontileka. Mhlawumbe bekuyisikhathi sethu sokuthi sibe lapho esikhona. Umdlalo nomdlalo ebesiwudlala besiwudlala kahle kodwa siphikwe umphumela, “ kusho uMzimela.
Njengamanje iStars sinamaphuzu angu-21 emidlalweni engu-29. NgoMeyi 12, iDikwena izodudulana neBidvest Wits eRoyal Bafokeng Stadium emdlalweni wokugcina weligi.
Leli qembu lihlukaniswe amaphuzu angu-10 ne-Ajax Cape Town eyibambe endaweni yesibili uma usuka ekugcineni.
IDikwena ingase ishiye eNorth West uma kuphela isizini. UPotshoza naye uliqaphe ngolokhozi udaba lukaNdoro okuthiwa luyabuyela ezithebeni zomahluleli ngoLwesine.