Ezemidlalo

Kukhalwa ngokumamfuza amagwinya kumdlali we-PSL

Potshoza|Published

UMDLALI weCape Town City u-Ayanda Patosi Isithombe: BACKPAGEPIX UMDLALI weCape Town City u-Ayanda Patosi Isithombe: BACKPAGEPIX

ISIKHULU seCape Town

City, uJohn Comitis, asizimisele

ngokumlaxaza u-Ayanda Patosi

ongadlali kuleli qembu likaBenni

McCarthy ngoba engekho esimeni

esifanele umdlali webhola

elikhokhelayo kodwa sinenkinga

ngokuhluleka kwakhe ukukhetha

ukudla okumfanele. Sekunesikhathi engabonakali

enkundleni uPatosi ekubeni

engomunye wabadlali abenza

izinto zenzeke kumaCitizens.

Enkulumeni ayenze ngoLwesibili emsakazweni, uComitis uveze

okuningi angazange akusho

ngesikhathi Isolezwe limnika

ithuba ngosuku olufanayo. 

Ubuyele emsebenzini ngoLwesibili uPatosi ngemuva kokunqunyelwa

ugwayi katiki kodwa kusazoba

yisikhathi ngaphambi kokuthi

abonakale enkundleni ngenxa

yokukhuluphala kakhulu. 

“Sibhekene nenkinga lapha

ngoba sifike simdwebele kahle

ukudla okufanele agxile kukona

ngoba uyazazi ukuthi unenkinga

yokuzimuka kodwa akayingeni

leyo nto. Uzithandela amagwinya

nezinto ezifana nama-fried chips.

Ngisho singabeka amasaladi

amahle kanjani uPatosi

akayingeni leyo nto. Sinenkinga

yokukhokhela umdlali izizumbulu

zemali kodwa engakwenzi lokhu

aqashelwe khona. Siba yiqembu

elihlukile uma esenkundleni

yingakho singeke simlahle kodwa

kusemqoka ukuthi

naye abhukule

asisize njengoba

simsiza nathi,” usho

kanje uComitis

emsakazweni. 

Lo mdlali

ulandwe eBelgium

ngoba iCity

ihanjelwe abadlali

ababili abamqoka

okunguLebohang

Manyama

oye eTurkey

no-Aubrey Ngoma

yena oqome

iMamelodi

Sundowns