UKAPUTENI weKaizer Chiefs * -Itumeleng Khune uthi ukuba musha komqeqeshi we-Orlando Pirates uKjell Jonevret akusho lutho ngoba leli qembu linabadlali abaziyo ukuthi udlalwa kanjani umdlalo wabakhaya.
La maqembu azodudulana kowe-Absa Premiership eFNB Stadium, eSoweto, namuhla ngo 3:30 ntambama.
“Umqeqeshi angaba musha eqenjini kodwa abadlali kudala bekhona.
"Kunabadlali abafana noManyisa abadlale imidlalo yabakhaya engaphezu kuka-20 no-Ayanda Gcaba nabanye abadlali abaningi.
"Ngeke ngithi thina sizozenzela ngoba kusihambele kahle emidlalweni eyisikhombisa bona abazange banqobe imidlalo elishumi. Kuzobe kuhlukile konke namuhla lokho,” kusho uKhune.
Lo mdlali uthe kuhle ukuthi usedlale imidlalo eminingi kule midlalo yabakhaya.
“Ngiyajabula ukuthi ngifike ku-25 ihlale ikhona ingcindezi lapho uhamba khona abalandeli bakubuza ngalo mdlalo," kusho uKhune othe kungaba yinto enhle uma bengashaya iPirates bese bebuyela phezulu ku-log.
“Lo mdlalo siwudinga kakhulu sifuna wonke amaphuzu amathathu nengicabanga ukuthi azosisiza kakhulu.”
Ugcizelele wathi abangeni kulo mdlalo bengenela ukudlala ngokulingana kodwa kuyazenzakalela.
“Thina uma sidlale ngokulingana sizizwa ngazathi silahlekelwe uma kunjalo. EKapa sidlale kahle senza amathuba okushaya amagoli sangawasebenzisa kodwa sifundile ngaphambi ko mdlalo wethu nePirates. Cha sisuke siyele amaphuzu amathathu,” kusho uKhune othe ubona izinto zingenzeka kahle uma bezolandela imiyalelo yomqeqeshi uSteve “Mphath" Komphela.
“Kufanele sihloniphe umqeqeshi maqede silandele indlela afisa sidlale ngayo,” kusho uKhune ophike eyimuthi wathi bathembele kakhulu emkhulekweni njengebadlali uma ebuzwa ngokuthi umuthi wabo nePirates uyafana yini njengoba behlala bedlala ngokulingana.
“Thina sithandaza kakhulu yingakho sidlala ngokulingana. Cha umuthi asiwusebenzisi,” kusho uKhune.
Enanela ukaputeni we-Orlando Pirates, * -Oupa Manyisa ozwakale emethemba umqeqeshi wakhe omusha: "Sifuna ukuthi sithole amaphuzu amathathu kuChiefs. Kubalulekile ukuthi siwathole sinyuke siye phezulu sisuke lapho esikhona njengamanje.
“Kufanele sigxile imizuzu angu-90 kulo mdlalo ukuze sikwazi ukuthi siwunqobe ngoba sidlala neqembu elisefomini thina sidonsa kanzima. Ngiyathemba ukuthi sizokwazi ukukwenza lokho njengeqembu.”