Kuqhume iqupha emhlanganweni obumayelana nezinsolo zokudliwa kwemali yamavolontiya enhlangano yomphakathi kwaSanti.
Itholakale ishonile ethoyilethi indodakazi yosomabhizinisi baseThekwini abashona kuwa ibhilidi lesonto eNigeria.
Kukhona ongqongqoshe besifazane abafika kuzwakale ezindaweni badonse amehlo abantu ngenxa yendlela abagqoka ngayo ebenza bagqame.
Usephuciwe izingane zakhe owesifazane waseDikwe, eNanda, obezilaxaza ayohlala ejoyintini.
UMfu Sithembiso Zondo okusanda kusabalala ivideo yakhe enqunu utshele abazalwane ukuthi bangayisuli.
UMiss SA omusha ufuna ukulandela uzakwabo uRolene Strauss.
Bangophumalangasikothe, amaphephandaba namaphephabhuku ayathanda ukubaveza emakhasini aphambili ngenxa yendlela ababukeka ngayo.
Usephila ngokubhaca endlini owesilisa waseVosloorus, eGoli obesolwa ngokubulala uSenzo Meyiwa.
Uzishaya isifuba ngokufika namasu amasha okudlondlobalisa ibhizinisi lokuthutha owesifazane waKwaMakhutha.
U-Idris Elba uthi iNingizimu Afrika maduze izofana neHollywood eyisizinda samafilimu.
Sekuphele iminyaka bethokozisa abalandeli, emakhonsathini nakuthelevishini.
Ubuholi bebandla lamaNazaretha eBuhleni, buyaziqhelelanisa nokuqoqwa kwemali ehostela iSeventini, eMlazi.
Ucishe woniwa wukungaqali ngesikhathi umshado weNkosi yaseNhlangwini uMelizwe Dlamini.
Ukuvulwa kwamabhuloho amabili kuqede usizi kubantu baseClermont ku-ward 22.
Kuhlukene imibono ngoMnyango wezaBesifazane, Izingane nabanoKukhubazeka osanda kuhlakazwa kwashintshwa uhlaka ngesikhathi kwethulwa ikhabhinethi entsha.
Bekudlisa ingqephu yoboya emalungwini ePhalamende.
‘Wamuhle ntokazi ngathi umlungu. ” Lokhu kunconywa kugcine kwabanye kutshala inkolelo yokuthi abesifazane abakhanyayo ngebala bahle okwedlula abanye.
Izingqinamba ahlangabezane nazo aziliqedanga iphupho lokuba udokotela wesikhumba.
Lumi ngenhla usizi emndenini wekhehla lasePhilani Valley eMlazi.
Wamukelwe ngenhlokomo esikhungweni esikhulu se-IEC sokubala amavoti uMengameli Jacob Zuma.
Izinhlangano ezilwela amalungelo nokuvikelwa kwabesifazane zihlukene ngemibono ngesenzo sikaMengameli Jacob Zuma.
Yize impilo yesimanje iveza isithombe sokuthi kumele ube nezinwele zokufakelwa ukuze ubukeke, kunabesifazane abazishayela ngezemvelo.
Uma ungena eCottonlands eNdwedwe uthi usekude amehlo akhangwe yindawo esalokishi, ebiyiwe enezindlu eziklelile ezinezicabha ezinemibala egqamile.
Usevule icala lokwehliswa isithunzi owesifazane waseNtuzuma ngenxa yokufaniswa nowesifazane onqunu odansela amadoda kwi-vidiyo esisabalele.
Kungakapholi maseko umndeni wakwaZulu ongamaRasta umangaze abaningi ngokunqabela izingane ukuthi zifunde, sekuvele omunye ongayingeni eyokugoma izingane.