UMPHAKATHI waKwaSwayimane, kuthiwa uvuke indlobane washaya wabulala ngesihluku owesifazane osekhulile, umsola ngokushisa isimoba sikamakhelwane wakhe eGobizembe, ...
UVUKWA wumunyu umculo wokholo owaduma uTebello Sukwene, uma ecabanga ngendodakazi yakhe acishe wakhipha isisu eyikhulelwe.
ASHABALALE kuhle kwamazolo ebona ilanga amathuba okuba ngunkosikazi wasebukhosini baseSwatini, kumculi wakuleli uZahara.
INTANDOKAZI yezinhle lozethelevishini, uSomizi Mhlongo, itshele indodakazi yayo ukuthi ngabe ingunina wabantwana abane, ukube yakhuliswa nguye.
UYAZIQHENYA ngokwenza kahle uChuma Mdluli (18) ...
INDAWO yobumnandi eseMlaza, Eyadini Lounge, ike yaba sematheni ngezithombe zezintokazi zikhindile, namavidiyo abantu bekhombisa ukujabulela ukuba kule ndawo. Muva ...
UMNDENI womfundisi waseMpangeni othanqazeke eflethini esuka esitezi sesikhombisa eThekwini washona, ushaya amakhala usola ukuthi kukhona okushaya amanzi ngokufa ...
INGWAZI yomculo kamaskandi, uThokozani "Somnandi" Langa, ihluleke ukuzibamba ithola izindaba zokuthi ingomunye wamaciko akuleli amele iNingizimu Afrika kuma-All ...
UKONAKALA kobisi kusuke kusho ukulunga kwamasi. Uyichaze kanje impumelelo yakhe umlingisi owuQhawe emdlalweni okwisizini yesithathu njengamanje, iThe Wife okhonjiswa ...
UYAVEVA umphakathi waseMaphephetheni eNdwedwe ngesigameko sokubulawa ngesihluku kukaNksz Zinhle Wendy Ngidi (29) oshaywe yisoka lakhe ngomphini wepiki, maqede lamxhonxa ...
ICIKO lwaKwaNongoma lethuse abaningi likhala lemuka nomklomelo osezingeni lase-Afrika, iZikomo Afrika obuseZambia muva nje. Lezi zindondo kuhloswe ngazo okuhloswe ...
U-ALI Mgube waMaSAP uxosha umfelokazi kamfowabo ngoba emsola ngobhangqa amadoda emzini kayise ...
UMCULI wokholo owazakhela udumo ngokudla umhlanganisio kwi-I Want To Sing Gospel, uLungisani Ntuli, uzokhipha incwadi egonyuluka ngembangela yokugqabuka kwegoda ...
KUSEWUMQANSA ukuthi abanye abantu bathathe imishanguzo yegciwane lesandulela ngculazi, endaweni eyakhele isifunda iKing Cetshwayo.
AKHONJWE indlela amaphoyisa amabili omgwaqo wuMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, ngemva kokusolwa ngokugwazelwa ngabashayeli bamaloli.
BABHUQUZA emakhaya abafundi ababili bakaGrade 10 esikoleni eMuzikawuthandwa High eMtulwa, kuMasipala waseMshwathi, okuthi wabaxoshwe wuthishanhloko sebezobhala izivivinyo ...
IHOXILE imantshi ecaleni lephoyisa elisolwa ngokudubula libulale izintombi zalo ezimbili KwaNyuswa, eThekwini, ngenyanga edlule.
USATHUKILE owesifazane emuva kokuzithela phezu kosana lulahliwe enkundleni yezemidlalo ekwa-P eMlaza esikoleni eSizwakele Primary izolo ekuseni.