I-ANC ikhala ngabantu abanikezwa amathenda ukuthi yibo abayenza ibukeke kabi emiphakathini ngokungawuqedi umsebenzi. Lokhu kuvele ngesikhathi ilungu lesigungu esiphezulu ...
I-NFP isiyazisola ngobudlelwano eyangena kubo ne-ANC komasipala abawu-19 KwaZulu-Natal ngo-2011.
UMnuz Vuma Mashinini uxwayise abaholi ngokuthi bengenzi izethembiso ezingamanga emiphakathini uma kuza ukhetho ngoba lokhu kugcina kudale uthuthuva kubantu sebezifuna. ...
I-SACP KwaZulu-Natal isamukele ngezinsongo ku-ANC isikhundla sobungqongqoshe esinikezwe uNobhala wayo.
IHLABANE ngomholi oqavile i-DA KwaZulu-Natal ngemuva kokujoyinwa owe-NFP obeyihola kuMasipala weTheku.
KUNGAKAPHELI ngisho isikhathi esingakanani uNdunankulu omusha KwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu, edalule ukuthi ngeke abe nezinguquko kukhabhinethi yakhe kodwa ...
Sibhekwe ngesonto elizayo isinqumo senkantolo yaseMnambithi mayelana nokuthi izongcwatshwa kuphi insizwa yaseNgwelezane eyawina iPower Ball ka-R18m.
Usufakane enkantolo umndeni wensizwa eyawina isamba sika-R18m kwiLotto ngenxa yokudonsisana ngokuthi kumele ingcwatshwe kuphi.
Bashaqakile abalandeli bakaMnuz Senzo Mchunu bezwa izindaba zokusula kwakhe esikhundleni sokuba nguNdunankulu.
UMengameli Jacob Zuma uthi mabakhishwe inyumbazane abaholi bamaqembu ezombusazwe abagqugquzela ukuziphatha okunodlame nabangahloniphi.
Basinde kukubi abalandeli beDA ngesikhathi behlaselwa yiqulu labantu okusolwa ukuthi ngamalungu noma abalandeli be-ANC eThekwini.
Yehliswe ngo-R9 million imali yesabelo esibhekene nezinhlelo zeSilo samabandla ngenxa yesimo somnotho esingesihle.
Sibonakala sizoba yingozi ePhalamende isinqumo seCope, sokuduba izinhlelo zePhalamende uma amanye amaqembu aphikisayo ehambisana nayo.
Lithole ingqayizivele yethuba ibhungu laKwaZulu-Natal lokuyofunda e-United States of America.
Kugqame uqhekeko emhlanganweni kazwelonke weNFP wokubuyisana kubaholi baleli qembu abebengasabhekani.
Isimshayisa ngovalo umholi we-DA indaba yokugqekezwa kwemoto yakhe okwebiwe kuyo i-Ipad nebhuku eligcwele imininingwane ebalulekile eyimfihlo yeqembu lakhe.
Uhulumeni waKwaZulu-Natal uthi awunazo izinhlelo zokuvala izimoto zamalambu aluhlaza, ezithwala izikhulu zawo.
Zizowukhomba umuzi onotshwala izikhulu zeminyango kahulumeni waKwaZulu-Natal ezizothinteka ekusebenziseni budlabha imali.
Sekunokungenami ngezindleko zeSilo samabandla wonke eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu.
Umholi we-IFP uMntwana Mangosuthu Buthelezi uthi umangazwe nguMnuz Sihle Zikalala, ngokuhlaba ikhwelo lokuba abuyele kuKhongolose.
Izoshaya ngolonwabu intuthuko KwaZulu-Natal ngenxa yesimo esingesihle somnotho. Lokhu kuvezwe uMnuz Senzo Mchunu.
UMengameli uJacob Zuma kulindeleke ukuthi angathi vu ngodaba olusematheni oluthinta ukusetshenziswa budlabha kwemali yabakhokhibentela.
Kushube umoya phakathi komkhulumeli weNumsa nomsakazi woKhozi FM.
Owayeyikhansela le-ANC kuMasipala weTheku ushiye angalazi kwabakwaGcaba.
ABAHOLI be-ANC abanye abayishiya baya kuCope yibo abebencenga uMnuz Thabo Mbeki ukuba abhale izincwadi asanda kuzikhipha.