UKHALE ngokubanjwa ngogesi evunyiswa ngenkani icala ummangalelwa wesibili uMnuz Bongani Ntanzi kwelokubulawa kukaSenzo Meyiwa.
Lokhu kuvele ngesikhathi u-Advocate Thulani Mngomezulu ongummeli kaNtanzi, epheka ngemibuzo ufakazi woMbuso uConstable Wendel Jonathan izolo eNkantolo eNkulu yasePitoli. UJonathan uyiphoyisa loMkhandlu waseKurhuleni elalihamba namanye ukuphelezela nokuqapha imoto yamaphoyisa eSAPS, eyayihambisa uNtanzi ezindaweni ezehlukene ngesikhathi okuthiwa wavuma ngaso icala lokubulala uMeyiwa.
UMngomezulu uthe uNtanzi wayiswa endaweni yokulahla udoti, nokuyilapho amaphoyisa ayeshintshana khona ngaye, embamba ngogesi.
Uveze ukuthi konke lokhu kwenzeka phambi komphenyi ophambili kuleli cala uBrigadier Bongani Gininda.
“Uthe kukhona iphoyisa elilodwa elaze lamthela ngamanzi, ilapho uGininda aze wathi khona kuye kufanele akhulume iqiniso ngokufa kukaMeyiwa,” kusho uMngomezulu.
Uthe uNtanzi uthi uye uJonathan (ufakazi ophoswa ngemibuzo njengamanje enkantolo), namanye amaphoyisa okunguSergeant Mabena noColonel (Joyce) Buthelezi ababeshintshana ekusebenziseni umshini obamba ngogesi.
Konke lokhu uJonathan ukuphikile wathi akanalo ulwazi lwakho.
Uphike nokuthi emva kwalokhu kuhlukunyezwa, uJonathan bamphelezela uNtanzi ehamba namanye amaphoyisa ngemoto eyiToyota Fortuner eyiswa esibhedlela iChris Hani Baragwanath njengoba wayesephuma igazi ngamakhala, nokuyilapho uSergeant Vusumuzi Mogane amemeza khona ethi abamyeke uNtanzi.
Kubuye kwathathela u-Adv Zandile Mshololo ongummeli kammangalelwa wesihlanu, uMnuz Fisokuhle Ntuli, etshela uJonathan ukuthi isizathu esenza babe seduzane ngesikhathi ummangalelwa evunyiswa icala kwakuwukumsabisa.
Usole ukuhloma kwamaphoyisa ayephelezela uNtanzi ngoJuni 24, 2020 ukuthi ayehlome kwaze kweqa ekubeni uNtanzi wayefakwe ozankosi, lungekho olutheni ayengalwenza.
“Yinindaba nanihlome kangaka?” kubuza uMshololo.
“Ngeke ngithi sasihlome kakhulu ngoba sasigqoke umfaniswano wethu ojwayelekile, mina ngangiphethe isibhamu esincane i-9mm ne-rifle izilengela nje,” kusho uJonathan.
Uqhube wathi lokho kwakuwukuhloma. “Isizathu sokuhloma kwenu ingoba nanifuna ukutshala ukwesaba kummangalelwa,” kusho uMshololo.
Kugcine kungenela ijaji Ratha Mokgoatlheng ebuza uJonathan ukuthi indlela abajwayele ukugqoka ngayo yini le ababegqoke ngayo ngalelo langa, uJonathan uvumile wathi ‘zonke izinsuku.’
Icala liguqe emva kwekhefu lasemini, uMshololo ethi usafuna ukuthi abukisise kahle amabhuku asanda kuwanikwa, okukhona kuwo ne-Occurance Book (OB), uJonathan ayeyisebenzisa ngosuku abacelwa ngalo ukuthi baphelezele umsolwa.
Icala liyaqhubeka namuhla.