KUBE wumthobanhliziyo kwabomndeni wakwaNdlela kugwetshwa uNjabulo Ndlovu eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.
UNjabulo Ndlovu (29), ubevele enkantolo ezokwamukela isigwebo sakhe ngemuva kokulahlwa ngamacala amahlanu - okungamathathu okubulala uNksz Zanele Ndlela(65), indodakazi yakhe uNksz Simangele Ndlela (46) nomzukulu uZenande Ndlela (7) owabuye wamdlwengula ephindelela, esigamekweni esenzeke eSobantu, eMgungundlovu, ngoJuni 27, nonyaka.
Ngesikhathi iJaji Poyo Dlwati, lethula isigwebo, liqale lafunda izitatimende ezahlukene ezenziwe ngamalungu omndeni wakwaNdlela, umphakathi waseSobantu nothisha kaZenande Ndlela ezisetshenziselwe inqubo yokugweba uNdlovu.
Ngokwalezi zitatimende, inkantolo ithi ayigculisekile ngokuthi unakho ukuzisola ngesenzo ngoba akakwazanga ukuchazela inkantolo ukuthi kungani adlwengula uZenande kabili ebuntwini bakhe nangemuva.
“Uhlulekile nokuchazela inkantolo ukuthi kungani abulala uNksz Zanele Ndlela futhi waqhubeka nokubulala indodakazi nomzukulu wakhe,” kusho ijaji.
Ijaji libuye lacebisa umndeni ukuthi uma kufika isikhathi lapho uNdlovu ezofuna khona ushwele, banalo ilungelo lokuba yingxenye yaleyo nqubo futhi bayiphikise ngokubeka izizathu ezinqala.