UYAQHUBEKA ugingqigonqo wezikhundla kumasipala okungekho kuwo iqembu elathola izihlalo ezanele ukuba libuse ngokuzimela, uMvoti.
INkantolo eNkulu eMgungundlovu ichithe umhlangano okwakhishwa kuwo iMeya, uMnuz Philani Mavundla, noSomlomo, uMnuz Mfundo Masondo.
UMavundla noMasondo, abangamakhansela e-ABC, bakhishwa ngevoti lokungabethembi ubuholi babo emhlanganweni womkhandlu owawungeledlule.
NgoLwesibili, inkantolo ikhiphe isinqumo sesikhashana esivimba ukukhishwa kukaMavundla noMasondo.
Abafuna ukukhipha uMavundla noMasondo ezikhundleni bayalelwe ukuba bafake amaphepha asenkantolo ngaphambi kuka-Agasti 6, baveze ukuthi kungani uMavundla noMasondo kufanele bakhishwe ezikhundleni?
UMavundla bakhishwa ezikhundleni emhlangaweni owawubizwe wuMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal.
Amakhansela ayebhalele uMphathiswa woMnyango, uNkk Bongi Sithole-Moloi, emcela ukuba abize umhlangano, ekhala ngokuthi uMasondo akafuni ukubiza umhlangano.
Isiphakamiso sokuthi kukhishwe uMavundla noMasondo sesekwa amakhansela e-IFP nawe-ANC.
Kwabe sekuqokwa ikhansela le-IFP, uMnuz Zamani Malembe, kwesobumeya, uNkk Ntombi Ngubane, we-ANC, yena waqokelwa kwesikasomlomo.
UMalembe wabuye wasula esikhundleni emva komyalelo wobuholi be-IFP.
Amakhansela e-ABC awudikila umhlangano, aveza ukuthi anesivimbelo sasenkantolo evimba ukuhlala komhlangano.
UMasondo uthe babevele beshilo ukuthi kwakungekho emthethweni ukukhishwa kwabo.
“Umhlangano esakhishwa kuwo wawufana nomhlangano waphansi kwesihlahla, basebenzisa ubunsizwa, benza ngomqondo waserenki. Bakwenza lokhu bephikisana nezinkantolo.”
UMasondo uthe ukukhishwa kwabo ngokungekho emthethweni kushayisa amakhala.
Uthe ziningi izinqumo ezithathiwe, nezinto ezenzekile kulezi nsukwana bekhishiwe ezikhundleni.
UMasondo uthe ngosuku olulandela abakhishwa ngalo kwahlala umhlangano womkhandlu owabuyisela emsebenzini imenenja kamasipala esamisiwe, uNksz Noxolo Ndaba.
“Ayikho enye into eyakhulunywa kuloyo mhlangano, kwakhulunywa lena yokubiyiswa kwemenenja kamasipala esamisiwe kuphela. Imenenja kamasipala ibhekene nezinsolo ezibucayi. Bekufanele ukuthi balinde uhlelo lwayo lokuqondiswa ubugwegwe luze luphele. Uma ibingenacala ibizotholakala imsulwa.”
UMasondo uthe kwaba nemizamo yokuxosha abanye abasebenzi, kwaphinde kwagqekezwa nasehhovisi lakhe.
“Kwagqekezwa kwabili ehhovisi lami. Kusho ukuthi kukhona imikhoshosho ababefuna ukuyenza.”
UMasondo uthe angeke bavume ukuthi umasipala uphenduke isidleko senkohlakalo.
Alikho iqembu elathola izihlalo ezanele ukuthi libuse ngokuzimela umasipala waseMvoti.
I-IFP inezihlalo ezingu-10, i-ANC ineziyisishagalolunye, i-ABC yona ineziyisikhombisa.