UYA enkantolo uMnuz Siyabonga Gama ukuyophikisa ukuxoshwa kwakhe eTransnet okumenyezelwe ngokusemthethweni ngeSonto ebusuku.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe, uGama uthe okwenzeka kuye kufana nokuthi ingwenya ihlasele amazinyane emvubu.
“Uma ingwenya ihlasela amazinyane emvubu ngeke kuthule kuthi cwaka esizibeni, kuba nomnyakazo. Kusasa (namhlanje) siya enkantolo ngoba ngiyazichitha zonke izinsolo engibekwa zona. ITransnet yinkampani enemigomo futhi konke okwenziwa khona kuyalandeleka. Kuyangixaka ukuthi ibhodi ingalaleli isinqumo senkantolo kodwa ivele ingixoshe ekubeni ngishilo ukuthi ngidinga kube nesigungu esizimele esizolalela udaba lwami.”
Uthe uyena owasungula uphenyo ukuze kuvele ukuthi ikhona yini imali eyalahlekela inkampani nokuthi yaya kuphi ukuze kuthi uma kukhona oyidlile ashushiswe yinkantolo.
Mayelana nohlelo lokuthengwa kwezitimela olwaluzodla uR38 billion kodwa lwagcina seludla ngaphezu kukaR50 billion, uGama uthe kungamanga ukuthi uye owathenga izitimela ngoba iTransnet yayinebhodi eyayiphethe ochwepheshe okuyiyona eyenza izinqumo ngohlelo.
Uthe yena ngaleso sikhathi wayengesona isikhulu esiphezulu eTransnet kodwa “wayengumfana omncane nje” kwaTransnet Freight Rail.
“Mina angikaze nginqabe ukuphendula imibuzo yebhodi kodwa ngibona sengathi ilwa nesiqu sami ngoba noma isingibhalela incwadi yokuthi mangihoxe emsebenzini ize yathi angisavunyelwe nanokunyathela emagcekeni enkampani. Inkantolo yayinqume ukuthi kuxoxwe ngalolu daba kodwa ibhodi yavele yangixosha,” kusho uGama.
Uthe afuna kwaziwe wukuthi akasilo isela, akakaze ebe imali eTransnet futhi akukho okuphambene nomthetho ake akwenza selokhu asebenzela iTransnet.
Kuke kwaba namahebezi okuthi kukhona abafuna ukuchitha uGama ngoba ethathwa njengomuntu owayesondelene nowayenguMengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, kodwa izolo uGama akathandanga ukuphawula ngalokhu ethi sizofika isikhathi sokuthi akhulume kodwa okwamanje usalwela ukuxoshwa ngendlela engenabulungiswa.