SELISUNGULE elalo ikhasi, ilungu lekhasi labesifazane elikuFacebook iLadies House elisolwa ngokuqola amalungu aleli khasi.
UNksz Nomfundo Mngomezulu owaziwa ngelikaMaDlakadla kaLwandle usevule ikhasi iLadies House Imbokodo Foundation lapho yena namalungu akhethekile eLadies House bezodingida khona izindaba zokusiza abantu abaswele.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto uMaDlakadla uveze ukuthi usezinhlelweni zokuvula inhlangano engenzi nzuzo ezobizwa ngegama elifanayo nekhasi lakhe, ezoba ne-akhawunti yayo.
Uthe ukuvula kwakhe leli khasi akuchazi ukuthi useyaphuma eLadies House usazoqhubeka abekhona kodwa izindaba zokusiza abantu bazozixoxa ekhasini lakhe azokwazi ukulilawula.
Muva nje amalungu eLadies House abekhwela edilika kuye emchapha ngezinhlamba emsola ngokudla imali enikelelwa abahlwempu.
Umsindo uthe uqale ngokuthi ahole umkhankaso wokwakhela umuzi umndeni wakwaZuke kwaJ eMlaza, ovulwe emasontweni amabili edlule.
Uveze ukuthi kuneqeqebane eliwongom’ uyayona elimsole ngokuthi udle imali ebinikelelwe ukwakha le ndlu njengoba imali yeminikelo yayifakwa kwi-akhawunti yakhe yasebhange.
Uthe baningi abamesekayo njengoba esanda kuthola umuntu ozonikela ngoR150 000 enhlanganweni yakhe entsha.
Umnikazi wendlu uMnuz Siba Zuke (66) uthe abantu abake bazozibonela umuzi wakhe, bangezwa ngendaba.
“Ngiyadumala ngoba badlala ngoMaDlakadla. Umxhaso awukaze ube nje, uMhlanga loya. Ngisezintweni mina manje. Inkinga abantu bayahleka nawe kanti izinhliziyo ziyakhala,” kusho uZuke.
UMaDlakadla uqhube wathi into abamthukela yona kulezi zinsuku wukuthi usanda kukoleka imali yokulekelela umndeni wakwaMkhwanazi eSikhaleni okuthiwa udilizelwe isithabathaba sendlu ngumnikazi wendawo abakhe kuyo.
“Ngicelwe amanye amalungu ukuthi ngingenelele okwenze ukuthi imali yomnikelo uR47 000 ufakwe kumina. Kunelinye ikhasi labesifazane abashadile iVirtuous Wives elinikele ngoR45 000. Umnikelo wakwaMkhwanazi ugcine usunguR92 000.
“Umama uMkhwanazi simnikezile imali wabonga kakhulu. Kunabantu abahlasele kwiFacebook yakhe bemthuka bethi bekungafanele banikelelwe ngoba banemali,” kusho uMaDlakadla.
Uthe ufundisa isiZulu enyuvesi iDurban University of Technology ngakho akalambele emalini yomnikelo.