UMENGAMELI Cyril Ramaphosa utusa umsebenzi owenziwe uhulumeni wokubambisana onyakeni wawo wokuqala uphethe.
URamaphosa uthe uhulumeni wokubambisana owakhiwe amaqembu angu-10 ukwazile ukwenza okuningi esikhathini esifishane usemandleni.
Ukusho lokhu emyalezweni wakhe wokufisela abakuleli unyaka omusha onezibusiso.
Emyalezweni wakhe, uRamaphosa uthe isheshe yathela izithelo imisebenzi kahulumeni wokubambisana ongene emva kokhetho lwanyakenye.
“Umnotho wethu uyakhula, baningi abantu abathola imisebenzi. Ziyanda izinkampani ezitshala imali kuleli nokwenza ukuthi umnotho ukhule.”
URamaphosa uthe kulo nyaka bazobeka phambili ukulwa nobugebengu, udlame lwezobulili kanye nenkohlakalo.
Unxuse omasipala ukuba baxazulule inkinga yokushoda kwamanzi ekhungethe izingxenye eziningi zezwe.