UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uxwayise ngokuthi ukungenela kwe-SACP ukhetho ngokuzimela kungenza ukuthi i-ANC namadlendawonye ayo balahlekelwe amandla okuphatha izwe.
URamaphosa uthe ukungenela kwe-SACP ukhetho lohulumeni basekhaya ngokuzimela kuzokwenza ukuthi i-ANC namadlelandawonye babe buthaka.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokukhumbula ingqalabutho ye-SACP, uMnuz Joe Slovo, owashona eminyakeni engu-30 eyedlule.
I-SACP ibilokhu yeseka i-ANC okhethweni olwedlule, muva nje ithathe isinqumo sokuthi izongenela ukhetho lohulumeni basekhaya oluzokuba ngonyaka ozayo.
“I-ANC ne-SACP bangamawele, ukwehlukana kwabo kuzophazamisa umbhidlango wokuthuthukisa abantu abebecindezelekile phambilini. Sinamandla kakhulu uma sibambisene.”
URamaphosa uthe i-ANC ishaywe kakhulu ukuhlubuka kwezinhlangano, wathi uma i-SACP ingaphuma ibhodwe layo kungaba nzima kakhulu.
“Kule minyaka eyedlule, kusukela ngo-1960, kuya ku-2000, sibonile kulokhu kuba khona amaqembu ahlubuka kwi-ANC. Lokhu kwenze i-ANC yaba buthaka kakhulu. Muva nje sonke sizibonele umthelela wokuhlubuka kwamaqembu.
“Kufanele sizibuze ukuthi ngabe sisafuna yini ukuqhubeka nokuphatha uMbuso. Uma sisafuna ukuphatha amandla oMbuso akufanele sihlukane. Uma sike sahlukana kufanele sikhohlwe ukuthi siyoke siphinde siphathe uhulumeni.”
UNobhala Jikelele we-SACP, uMnuz Solly Mapaila, usivikele isinqumo sabo sokungenela ukhetho oluzayo.
UMapaila uthe abaqondile ukwenza ukuthi amadlelandawonye abe buthaka okhethweni oluzayo.
“Empeleni sifuna ukuthi amadlelandawonye abe namandla kakhulu okhethweni oluzayo. Inhloso yethu enkulu ukuthuthukisa impilo yabantu. Sifuna ukubuyisa amandla omnotho. Ngeke sikwazi ukukwenza lokho uma sisonge izandla.”
UMapaila uthe ukungangeneli kwabo ukhetho kwenza ukuthi bangabi nalo izwi kuhulumeni.
“Ngisho iDA inamandla amaningi kunathi kuhulumeni. IDA inongqongqoshe abayimele kwikhabhinethi. Yebo akhona amalungu ethu angongqongqoshe, kodwa iqiniso ukuthi asemseni we-ANC.”
UMapaila uthe ukungenela kwabo ukhetho akusho ukuthi baxabene ne-ANC.
“Asisoze siyilahle i-ANC. Mina nje ngiyilungu le-ANC, futhi ngesikhathi ngithatha ubulungu be-ANC ngasho ukuthi ngiyofela kuyona. Sizoqhubeka nokusebenzisana ne-ANC.”