UMNDENI wakwaMhlongo kubo kanina weSilo saKwaDukuza uShaka, uthukuthele uyaveva ngendaba yomdlalo osematheni iShaka Ilembe okuwumlando kaShaka kaSenzangakhona owayeyiSilo saMaZulu, ophekwa yiBomb Productions.
Lokhu kwenzeka emva kokungaboni ngaso linye phakathi kwabakwaMhlongo nabeBomb Productions ngomdlalo.
AbeMultichoice basanda kumemezela ukuthi sekuqalile ukushuthwa komdlalo obophele abalingisi abanohlonzo futhi ushuthwa eGauteng naKwaZulu-Natal. Umdlalo ubhekwe ngabomvu, uzoqala ngonyaka ozayo, udidiyelwa ngabeBomb Productions abahlonishwayo emidlalweni yethelevishini namafilimu. Kuwona umdlalo kunengxenye ekhuluma ngoNandi unina kaShaka, edlalwa wuNomzamo Mbatha, okuyiyona esusa umsindo.
Isolezwe ngeSonto lithole ukuthi imali ingenye yezinto ezibangwayo ngabakwaMhlongo nabomdlalo weLembe. AbakwaMhlongo kumanje bazinze eNtembeni, eMelmoth. Igama lomuzi wakhona kuseSibhambeni. Idlinza likaNandi liseShowe. Igama lomuzi wakhona kuseMkhindini.
Umndeni wakwaMhlongo uthi abomdlalo baxhumana nabo kodwa bahluleka ukufeza imigomo abayibekelwa wumndeni, kwagcina kuxatshenwe kwangafikwa esivumelwaneni. Okhulumela abakwaMhlongo, uMnuz Mhlathuze Mhlongo, uthe baba nomhlangano nomqondisi womdlalo, u-Angus Gibson, eMpangeni lapho abamtshela khona izinto abazifunayo kodwa bangezwana.
“Bebefuna ngiye eGoli ngiyoshisa impepho ukuze izinto zihambe kahle. Bathi kunomuzi wakwaMhlongo abawakhe khona. Ngababuza ukuthi sizotholani thina kuyo yonke le nto abayenzayo? Kwathiwa angingabheki imali angibheke ukuthi sizongena emlandweni, okuyinto engangiyizwa kahle eyaholela ekutheni sithi thina asiyingeni yonke leyo nto. Okokuqala nje uShaka kufanele ngabe ubiza kwaMhlongo ngoba uNandi akashadanga KwaZulu. Konke lokho kufanele kulungiswe,’’ kubhoka uMhlongo.
Umqondisi uGibson ushayelwe kaningi ucingo engalubambi ucingo, waze wathunyelwa imibuzo. Uphendule ngomqhafazo ethi akathandi ukwenaba kabanzi ngodaba.
“Siyabonga ukuthi nizihluphe ngalokhu kodwa sinohlelo oluthile lapho sizoxhumana khona nabezindaba okuyilapho kuzovela khona yonke into. Okwamanje ngicela nibheke isitatimende esisikhiphile,’’ kusho uGibson okhale ngokuthi umatasa emsebenzini kuyashuthwa.
Okhulumela iNdlunkulu kaZulu, uMntwana uThulani Zulu, uthe abomdlalo baxoxa neSilo uZwelithini kaBhekuzulu maqondana nomdlalo kodwa akazi noma kukhona yini abakuxoxe neSilo esibusayo uMisuzlu kaZwelithini.