KUPHOQELEKE ukuthi kuvalwe amahhovisi kaMasipala wesifunda uThukela, ngesikhathi kutheleka abasebenzi ababili bechitha indle ngaphakathi emahhovisi nasendaweni yokupaka izimoto zezikhulu.
UMasipala uThukela osezandleni ze-IFP, uzinze edolobheni eMnambithi, lapho okwenzeke khona isigameko.
Isolezwe ngeSonto lithole incwadi ebibhalelwe abasebenzi baziswa ngokuthi amahhovisi azovalwa ngenxa yokugcwala kwendle aseyoze avulwe kusasa ngoMsombuluko uma sekuhlanziwe kahle.
Incwadi ikhomba ukuthi ibhalwe yasayinwa yimenenja kamasipala. Incwadi iveza ukuthi imenenja inxusa ukuthi abantu bangezi ehhovisi, abafisa ukukhokhela izidingo banxuswa ukuba basebenzise ezobuchwepheshe.
Incwadi iveza ukuthi lokhu kwenzela ukuhambisana nemigomo yezokuphepha nezempilo endaweni yokusebenzela.
Umthombo weSolezwe ngeSonto ongeke udalulwe uthe kunesiteleka sabasebenzi abakhala ngamaholo esikhathi esengeziwe nokusolwa ukuthi lokhu kuhlangene naso.
IMenenja kaMasipala uMnuz Mpumelelo Mnguni, ikuqinisekisile lokhu yathi kubashaqile kodwa obanjiwe uzobhekana nokuqondiswa ubugwegwe. Ukhale ngabaqaphi bomkhandlu wathi babe budedengu.
“Umuga wesiga esingasazi lento abayenzile, kuyiqiniso sibe nenkinga enjalo ngoba bekunesiteleka sosuku olulodwa esasisemthethweni. Emuva kwalokho baqhubekile nje ngokungemthetho beteleka. Ngizwe iphunga ngaphuma ngazibambela mina umsebenzi ephethe indle ngoplastiki,’’ kuchaza uMnguni.
Uthe umyise emaphoyiseni umsebenzi osolwa ngesigameko kodwa athi alikho icala abazomthwesa lona.
“Ngimangele ngoba phela ubengavumelekile ukuba ngaphakathi kwamasipala lo msebenzi ngoba banikwe ibanga okumele baqhele ngalo. Okunye okungiphoxile wukuthi badlule phambi kwabaqaphi bakwamasipala okusho ukuthi yizithunzela umsebenzi wabo awukho. Ngelinye ilanga kuzongena umuntu nesibhamu abulale umuntu bamdedele adlule,’’ kusho uMnguni.