IBHEKENE nomqansa i-ANC njengoba amaqembu amaningi esichitha isabelomali sikaNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, esiqukethe isiphakamiso sokuthi kunyuswe intela eyengezwa empahleni ethengwayo, i-Value Added Tax.
Amaqembu amakhulu ePhalamende asho ngazwi linye ukuthi ayaphikisana nesabelomali esiphakamisa ukuthi intela inyuswe ngo-0.5% kulo nyakamali, iphinde inyuswe ngomunye u-0.5% ngonyakamali olandelayo.
Lokhu kungasho ukuthi intela izonyuka ifike ku-16%. Amaqembu azovotela isabelomali ngoMeyi 23.
Phakathi kwamaqembu achitha isabelomali kubalwa iqembu lesibili ngobukhulu ePhalamende eliphinde libe ingxenye kahulumeni wokubambisana, i-DA, kube iqembu lesithathu ngobukhulu, i-MK, kanye neqembu lesine ngobukhulu, i-EFF.
Umholi we-DA, uMnuz John Steenhuisen, uthe ngeke bakweseke ukuphasiswa kwesabelomali sikaGodongwana. USteenhuisen uthe benze isiphakamiso sokuthi uhulumeni angayithola kanjani le mali eshadayo kodwa isiphakamiso sabo sangashaywa ndiva.
"Besizimisele ukuxoxa kodwa kusobala ukuthi laba abanye bebengazimisele ukulalela. Akuwona umqondo ophusile ukuba uGodongwana ethule isabelomali ekubeni azi kahle ukuthi akanaso isibalo esanele samaqembu azovotela ukuba siphasiswe."
USteenhuisen uthe umnyango wabo uzohlala uvuliwe uma i-ANC isazimisele ngokuxoxa ngalolu daba.
Umholi we-MK ePhalamende, uDkt John Hlophe, uthe uhulumeni ubengenza ngezinye izindlela kunokuba anyuse le ntela ezolimaza kakhulu abantu abahlwempu.
"Kunenqwaba yabantu ababalekela ukukhokha intela, nampo-ke abantu okufanele engabe uhulumeni uyabalandela. Uma sekuvotwa ePhalamende sizosichitha lesi siphakamiso ngoba siyaphikisana nokunyuswa kwentela."
Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, uthe bazokwenza isiphakamiso sokuthi sishintshwe isabelomali sikaGodongwana.
"Umthetho uyasivumela njengePhalamende ukuba senze izinguquko esabelwenimali. Asilaleli yonke into esuke ishiwo ungqongqoshe. Isigaba 27 somthetho sisinikeza amandla njengamalungu ePhalamende ukuba sishintshe isabelomali uma kuwukuthi kukhona esingajabule ngakho."
Umholi we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe bayaseseka isabelomali sikaGodongwana, wathi bancamela ukunyuswa kwentela ukunokuthi izwe lihambe liyoboleka imali.
UMengameli Cyril Ramaphosa, uthe ekugcineni amaqembu ezepolitiki kufanele avumelane ngento eyedwa.
URamaphosa uthe kube nezingxoxo ezinde ngaphambi kokwethulwa kwesabelomali, wathi uGodongwana ubebhekene nesimo esinzima.
IPhini likaNobhala Jikelele we-ANC, uNkk Nomvula Mokonyane, lithe ukwehliswa kwenani okunyuswe ngalo intela, lisuka ku-2% owawukade uhlongoziwe ekuqaleni, kukhombisa ukuthi uhulumeni oholwa i-ANC uyazilalela izikhalo zabantu.
UGodongwana uthe konke sekulele kumalungu ePhalamende ukuba anqume ngesabelomali asethule izolo.
"Ngijabule ukuthi ngikwazile ukwethula isabelomali. Amalungu ePhalamende yiwona okufanele akhulume ngengikwethulile."
USomlomo wePhalamende, uNkk Thoko Didiza, uthe njengoba sesethuliwe isabelomali amalungu ePhalamende azothola ithuba lokubeka imibono yawo.
"Kuzoxoxwa ngesabelomali emakomitini ehlukene ngaphambi kokuthi kuvotwe lapha ePhalamende. Leli ithuba lenu lokuthi nisibheke kabanzi isabelomali."
Umhlaziyi wezepolitiki, uNkk Sanet Madonsela, uthe kuzoba nzima ukuthi amaqembu aseke isabelomali uma singakhishwa isiphakamiso sokuthi kunyuswe intela.
"Ngiyazi ukuthi amaqembu abusa ngokubambisana abengafisa ukuvota ne-ANC kodwa lesi simo singaphezu kwamandla awo. Kufanele amaqembu acabangele abantu abawavotelile. Abantu abaningi bathwele kanzima. Ukunyuswa kwentela kuzokwandisa umthwalo. Ingakho kuzokuba nzima ukuthi amaqembu avotele lesabelomali esiqukethe isiphakamiso sokuthi kunyuswe intela."