KUZOPHELA ukuqagela ngokunyuswa kwentela eyengezwa ezimpahleni ezithengwayo, i-Value Added Tax (VAT), uma uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, esethula isabelomali, ePhalamende namhlanje.
Amaqembu ezepolitiki amaningi, okubalwa kuwo nalawo angaphansi kukahulumeni wokubambisana, asamile ekuphikiseni ukunyuswa kwentela.
Lishone elayizolo iKhabhinethi lingakasiphasisi isabelomali sikaGodongwana esiqukethe isiphakamiso sokuba kunyuswe intela.
Namhlanje ekuseni kuhlelwe ukuthi kube nomhlangano weKhabhinethi, lapho kuzoxoxwa khona ngesabelomali sikaGodongwana.
Ukwethulwa kwesabelomali kwabhuntsha ngemizuzu yokugcina ngenyanga eyedlule ngenxa yakho ukungavumelani ngokunyuswa kwentela.
Ngaleso sikhathi kwakunesiphakamiso sokuba intela inyuswe ngo-2%, kuvela ukuthi muva nje kunesiphakamiso sokuthi intela inyuswe ngo-0.75%.
Kubukeka uGodongwana engazimisele ngokuhlehla kweyokunyusa intela njengoba ekhala ngokuthi udinga imali engu-R58 billion ukuze agcwalisele lapho kushoda khona.
UGodongwana uze wasabisa ngokunqamula isibonelelo sabangasebenzi uma kuwukuthi ayenyuswa intela.
Uhulumeni usebenzisa imali engu-R44 billion ngonyaka ukuholela lesi sibonelelo esitholwa abantu abangaphezu kuka-10 million.
IHhovisi likaMengameli Cyril Ramaphosa lithe linethemba lokuthi amaqembu abusa ngokubambisana azogcina evumelene.
Okhulumela iHhovisi likaMengameli, uMnuz Vincent Magwenya, uthe izingxoxo ziyaqhubeka.
"Sifisa ukuthi isabelomali sikaGodongwana sesekwe yiwo wonke amaqembu ayingxenye kahulumeni wokubambisana. Kukhona izingxoxo ebezikhona ngempelasonto futhi izingxoxo zizoqhubeka kuze kube uLwesithathu ekuseni. Zikhona iziphakamiso ezikhona kodwa angikwazi ukukhuluma ngazo okwamanje."
UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe isabelomali sidinga wonke amaqembu aphethe ngokubambisana ukuba avumelane.
UMbalula uveze ukuthi basanda kuhlangana noGodongwana, lapho ebatshele khona ngesiphakamiso esisha esiqukethwe yisabelomali esisha.
Iqembu lesibili ngobukhulu kuhulumeni wokubambisana, i-DA, liveze ukuthi akukavunyelwana ngesabelomali, laveza nokuthi lisamile ekutheni alihambisana nokunyuswa kwentela.
Namaqembu amakhulu aphikisayo, i-MK ne-EFF, nawo asamile ekutheni awavumelani nokunyuswa kwentela.
I-MK ibe nombhikisho ophikisana nokunyuswa kwentela emahhovisi oMnyango kaMgcinimafa, ngoMsombuluko.
USotswebhu omkhulu we-MK ePhalamende, uMnuz Mzwanele Manyi, usabise ngokuthi bazokuba nemibhikisho uma igcina inyusiwe intela.
Inhlangano elwela abathola izibonelelo zikahulumeni, i-Black Sash, ithe iyaphikisana nokuthi kuvalwe isibonelelo sabangasebenzi. I-Black Sash ithe kunezigidi zabantu ezithembele kulesi sibonelelo esaqala emva kokubheduka kwe-Corona.