UBUCHWEPHESHE bakhe sebumkhombe phesheya kwezilwandle umethuli wesimo semigwaqo oKhozini FM, u-Ayanda Msweli.
UMsweli ozwakala nsukuzonke ohlelweni lwasekuseni Isidlo Sasekuseni kanjalo nakwezinye izinhlelo kulo msakazo, ungomunye wabamenywe engqungqutheleni yamachweba, iPorts&Maritime Evolution, Rail&Logistics Evolution, Road&Logistics Evolution Qatar Assembly&Expo, ezobe iseQatar ngenyanga ezayo.
Le ngqungquthela izobe ihlanganise ongoti abahlukahlukene kwezokuthutha nezemigwaqo njengoba leli lizwe lilungiselela imidlalo yeNdebe yoMhlaba yebhola ngo-2022.
Kuzobe kuhlangene amazwe ahlukene lapho osekuke kwenzelwa khona le midlalo yomhlaba.
INingizimu Afrika ibe nale midlalo ngo-2010.
UMsweli uthe uthokoze kakhulu ngaleli thuba.
“Ngimenywe njengongoti kwezemigwaqo. Angazi ngingayichaza kanjani injabulo engiyizwayo. Angimenywanga nje njengesihambeli kodwa ngimenywe ukuba ngizobeka umbono wami ngethule nolwazi enginalo,” kusho uMsweli.
UMsweli uzobe engomunye wezikhulumi ezizobe zixoxa kabanzi ngokuhlelela nokulungiselela iWorld Cup, egxile kwezokuthuthwa kwempahla.
“Ngiyasebenza, ngiyazazi ukuthi ngisebenza kanzima. Ukwazi ukuthi kunabantu abawubona bawuthakasele umsebenzi wami kuyinto engithokozise kakhulu,” kuchaza uMsweli.
Nakuba emenywe ngenhloso yokuthi azokwabela ozakwabo basemazweni angaphandle ngolwazi asenalo kodwa uthe ufisa ukuthekela ulwazi oluzomsiza ukuze enze umsebenzi wakhe kangcono. “Ngizobuka ukuthi bona benza kanjani. Ngiyobe sengithatha umsebenzi engiwenzayo ngiwubeke kwelinye izinga.”
Le ngqungquthela izoba yizinsuku ezintathu kusuka ngoSepthemba 23 kuya kuSepthemba 25.