UNOBHALA-Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uyalele abantu baseNanda ukuba baqaphele amaqembu ezepolitiki amasha awachaze njengomlilo wamaphepha.
UMbalula uthe la maqembu amasha asungulwayo azophelela emoyeni ngenxa yezingxabano zangaphakathi.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhankasa eNanda izolo.
“Abantu bavula amaqembu ezepolitiki kuthi kungakashoni ngisho ilanga sebeyalwa kula maqembu abo. Yonke lento wumlilo wamaphepha.”
Umkhankaso kaMbalula wayizolo uyingxenye yowezinsuku eziyisikhombisa wobuholi be-ANC kuzwelonke, walapha esifundazweni iKwaZulu-Natal.
UMbalula ucele abantu baseNanda ukuthi bavotele i-ANC, wathi ayikaze ijike.
Abantu baseNanda bakhale ngokuhlaliswa lubhojozi yizinswelaboya nokungasebenzi.
Izakhamuzi zaseNanda zitshele uMbalula ukuthi sezidla zijeqeza ngenxa yobugebengu obudla lubi, zakhala nangokuthi kunabantu abaningi abangasebenzi.
UNkk Zandile Nene, othe uyakujabulela ukuhambela kukaMbalula eNanda, ucele ukuthi uhulumeni asukumele eyobugebengu.
“I-ANC sisuka kude nayo. Sijabule ukuthi umholi wethu ulapha yingakho sithe asizombona ngamehlo. Into nje esikhala ngayo lapha wubugebengu. Izibhamu ziningi kakhulu lapha eMawoti. Abantu balapha bayayazi le nkinga engikhuluma ngayo.”
UMnuz Muziwendoda Makhoba ukhale ngamathuba emisebenzi.
“Amandla anginawo, angisebenzi, ngiyazizamela. Njengoba ubona uphahla lwendlu lufuna ukuwa. Akekho osebenzayo lapha ekhaya. Ngiziphilisa ngokuqashisa ngamagumbi amabili. Anginawo namandla okwakha amanye amagumbi.”
UMbalula uthe izakhamuzi kufanele zibambisane namaphoyisa empini yokulwa nobugebengu.
“Zonke izinhlaka zomphakathi kufanele zisebenzisane. Umphakathi kufanele uzibambele. Siyazi ukuthi amanye amaphoyisa asebenzisana nezigebengu, akusiwo wonke-ke kodwa amaphoyisa enza lokho. Lawa enza lo mkhuba kufanele siwabike.”
UMbalula uthe uhulumeni unezinhlelo eziningi zokudala amathuba emisebenzi.
Uthe uNgqongqoshe wezabaSebenzi, uMnuz Thulasi Nxesi, usanda kwethula uhlelo lokuqeqesha abangasebenzi.
UMbalula uthe bafuna nokushintsha isibonelelo sabangasebenzi ukuze sizokwazi ukwelekelela abafuna imisebenzi.
Izolo abaholi be-ANC bebekhankasa ezindaweni ezahlukene zesifundazwe.
USihlalo kazwelonke, uMnuz Gwede Mantashe, ubekhankasa eMkhanyakude.
IPhini likaNobhala-Jikelele, uNkk Nomvula Mokonyane, ubekhankasa eMgungundlovu.
UMgcinimafa, uNkk Gwen Ramokgopa, yena ubekhankasa esifundeni iTolomane Mnyayiza.