UPHIKISA eyokuchithwa kobuholi be-ANC KwaZulu-Natal, uNobhala Jikelele wale nhlangano, uMnuz Fikile Mbalula, ngokubhacaza okhethweni lukazwelonke nolwezifundazwe njengoba le nhlangano yehlelwe wukwesekwa italajwa yiqembu eliholwa ngowayengumengameli wezwe uJacob Zuma, Umkhonto weSizwe.
UMbalula uthe nakuba kukhona abakhuluma eyokuthi kumele buhlakazwe lobu buholi kodwa ngeke kwenzeke lokhu.
Uthe akumele kugxekwe ubuholi bakulesi sifundazwe kuphela ngale miphumela.
Kumele sonke isigungu esiphezulu se-ANC sizigxeke ngemiphumela yokhetho lwaseKZN. Besazi ukuthi uZuma uzothola ukwesekwa eKZN kodwa hhayi ngale ndlela,“ kusho uMbalula ekhuluma nabezindaba, izolo.
Uthe yingakho bathumela inqwaba yabaholi abebegiya bephindelela kulesi sifundazwe ngoba bebefuna ukuwina amavoti.
“Besibheke kakhulu i-IFP KwaZulu-Natal. Asigxeki muntu ngale miphumela ngoba siwenzile amaphutha eKZN.”
Uthe kuyiwe okhethweni abantu bengenawo amanzi emalokishini amakhulu okubalwa uMlaza.
“Senze amaphutha amaningi kuhulumeni. Siye okhethweni kukhalwa eKZN ngendaba yamanzi. Bekunenkinga kagesi. Ngakho siye okhethweni ziningi izinkinga umphakathi obukhala ngazo,” kusho uMbalula.
Akuqali ukuthi kukhulunywe indaba yokuthi kuhlakazwe ubuholi be-ANC eKZN.
Lobu buholi buholwa nguMnuz Sboniso Duma, noNobhala uMnuz Bheki Mtolo.
UMbalula uthe lesi sifundazwe singesinye esinesibalo esikhulu sabantu abavotayo.
Uthe bakhethe ukuvotela uZuma kulolu khetho, wathi abazokwenza ukuxoxa ukuthi isimo basilungisa kanjani.
“Sizobheka ukuthi sisilungisa kanjani isimo saseKZN, ngoba siyayivuma induku sibhaxabuliwe. Ukube iMK ayifikanga ngabe senze kahle kakhulu eKZN.”