UMMELI ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, u-Advocate Thulani Mngomezulu, uthi kunobufakazi bokuthi uLongwe Twala wafika ephuzile waxabana nentombi yakhe kwase kudubuleka umufi.
UMngomezulu uveze lokhu ngesikhathi epheka ngemibuzo ufakazi woMbuso owumphenyi wecala uSergeant Batho Mokgola. UMngomezulu uthe kukhona ofakazi azobabiza bezochaza kahle ngalolu daba.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus,eGauteng ngo-2014. UMngomezulu uthe uMnuz Tumelo Madlala wathinta umlisa okuthiwa wuHlophe ethi uMeyiwa udubuleke elamula uLongwe nentombi yakhe uZandi Khumalo.
“ ULongwe wafika edakiwe ephethe ivolovolo waxabana noZandi wadubula kwalimala uMeyiwa, wazidubula naye uLongwe emlenzeni,’’ kusho uMngomezulu.
Uthe kwabe sekuthungwa intimbothi yamanga ukuze kuvikelwe abathile ngokufa kukaMeyiwa.
“ Ubufakazi besibhamu obalethwa yiphoyisa buyingxenye yamanga akhandiwe ukuvikela umuntu othile. Yonke lento ikhandiwe futhi umuntu owabulala uMeyiwa akekho lapha enkantolo,’’ kusho uMngomezulu.
Icala liyaqhubeka.