IKLAJWE ngobhushu yafa indoda yasoThongathi okuthiwa ibizama ukudlwengula owesifazane okhulelwe.
Kuthiwa indoda yaseMagwaveni, oThongathi, iklajwe yisoka lowesifazane okuthiwa ibizama ukumdlwengula izolo emini.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo, iReaction Unit South Africa (Rusa), uMnuz Prem Balram, uthe bathole umbiko ovela kwelinye ilungu lomphakathi libabikela ngokwenzekile.
“Ngesikhathi befika abezimo eziphuthumayo bafice indoda ilele ngaphandle yopha kanzima. Ibilimele ekhanda nasezingalweni. Kusolakala ukuthi indoda ingene endlini ihlome ngobhushu yazama ukudlwengula owesifazane ozithwele,” kusho uBalram.
Kuthiwa ibisabisa owesifazane onezinyanga ezinhlanu ekhulelwe ngobhushu.
Kuthiwa isoka lowesifazane belikwelinye ikamelo ngesikhathi lizwa intombi yalo ihayiza. Libe seliphuthuma liyomsiza, lafika lazithela phezu kwendoda izama ukumdlwengula. Kukholakala ukuthi umufi uklajwe ngawo ubhushu okuthiwa ubewuphethe.
“Kukholakala ukuthi lifice indoda izama ukudlwengula intombi yalo lase lithatha ubhushu wayo lamklabha ngawo,” kusho uBalram.
Emuva kokuklajwa indoda itotobile yaphumela emnyango lapho iwele khona yaquleka.
Abezimo eziphuthumayo babiziwe, bafica indoda isifile ngenxa yokulimala kanzima.
Isoka libe seliboshwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokubulala nelokuzama ukudlwengula emuva kokuthi indoda ibulawe yisoka lowesifazane ebizama ukumdlwengula. Isoka liboshwe ngaso leso sikhathi.