UMKHUZI wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, akayivumanga futhi akayiphikanga imibiko yokuthi ngoLwesihlanu kuboshwe amadoda amabili asolwa ngokuba yizinkabi eSwatini, athinteka ecaleni lokubulawa komrepha u-AKA.
U-AKA , nomgani wakhe uTebello ‘Tibz’ Motsoane, badutshulwa babulawa ngabantu abangaziwa ngoFebhuwari nyakenye emgwaqweni uFlorida, eThekwini.
Izolo, iphephandaba laseSwatini, iTimes of Swaziland, libike ukuthi amaphoyisa akuleliya zwe abophe abasolwa ababili abayizelamani ezineminyaka engu-28 no-29.
Kuthiwa lokhu kwenzeke ngemuva kokucelwa ngamaphoyisa akuleli. Laba kuthiwa bebebhace endlini abebeqashe kuyo bebathathu kodwa omunye wabaleka.
Ngokwemibiko banukeka nasemacaleni okufa kosomatekisi abathathu.
UMkhwanazi esitatimendeni uthe useyibonile imibiko yabezindaba evela eSwatini, mayelana nokubuyiswa kwabasolwa ababili ababoshwe khona.
Uthe ufuna ukukubeka kucace ukuthi abasolwa bazobuyiswa kuleli ukuzobhekana necala lokubulala nelokuzama ukubulala lapho owesilisa owayegibele emotweni wadutshulwa wabulawa eBerea, ngoMashi 6, 2023. Umshayeli wasinda waya egaraji likaphethroli ukuyofuna usizo. Uphenyo luholele ekutheni abasolwa batholwe eSwatini.
Ngokwemibiko yangaleso sikhathi, owesifazane washayela waya egaraji ngemuva kokuhlaselwa kwabo besezimpambanweni zemigwaqo uMansfield, noBerea. Umshayeli walimala waphuthunyiswa esibhedlela.
Ubonge abezomthetho kuleli yazwe. Uthe uyazi ukuthi abantu bafuna ukwazi ngokufa kuka-AKA noTibz futhi uma kukhona okwenzekayo bazokukhuluma nomndeni kuqala ngaphambi kokutshela umphakathi.
“Uphenyo kulolu daba lusesigabeni esibucayi futhi amaphoyisa awafisi ukuveza ulwazi olungaluphazamisa. Icala lokufa kuka-AKA noTibz luthinta izinto eziningi futhi kunenqwaba yolwazi oluwubufakazi okumele lucutshungulwe. Lolu wuphenyo olushayelwa ngabashushisi futhi uma amaphoyisa eseqede konke. Kuzokwenziwa isimemezelo ngophenyo nokuthi lukusiphi isigaba,” kusho uMkhwanazi.
Uphethe ngokubonga abaphenyi athe abalali behubha abasolwa nokwenza isiqiniseko sokuthi abagilwa nemindeni yabo bathola ubulungiswa.
Abasolwa ababoshiwe bekulindeleke ukuthi bavele enkantolo eSwatini, izolo, ngamacala okuba kuleliya zwe ngaphandle kwamaphepha aqondile.
Bobathathu kuthiwa bafuneka nangokuthumba nokushushumbisa imali.
Omunye wabo usolwa ngokuba sembonini yezokuthutha futhi amanye amacala okubulala anukwa kuwo asuka engxabanweni abe nayo nezimbangi ebhizinisini.