NQOBIZIZWE ZWANE
A NGAPHEZU kuka-1 600 amantombazane aneminyaka engu-18 kuya phansi athola izingane ngonyaka esifundeni Uthungulu.
Lokhu kuvezwe yiMeya kaMasipala wesiFunda Uthungulu, uNkk Thembeka Mchunu, ngesikhathi kwethulwa umkhandlu wentsha eNgwelezane, ngoLwesibili.
“Ziyethusa izibalo zamantombazane ateta izingane esifundeni sethu. Emakoteni amathathu angu-1 600, ungakawabali aneminyaka engaphezulu kuka-19. Isimo lesi bantu abasha esingesihle okufanele nisiguqule ngoba sizoba nomthelela ongemuhle eNingizimu Afrika,” kusho uNkk Mchunu.
Eqhubeka uthe imvamisa amantombazane akhuliswa ngabazali ngabodwa, ogogo nomkhulu, awakwazi ukuthi kunjani ukukhuliswa emndenini onobaba nomama bebambisene.
“Lezo zimo zizoguqulwa yinina bantu abasha ngoba niyikusasa lalesi sifunda nezwe uqobo lwalo,” kusho uNkk Mchunu.
Uthe izinga lamacala okudlwengula liyanyuka kulesi sifunda, wanxusa ukuthi abesifazane babe mehlo mane bangaholelwa ophathe beyengwa ngamathuba emisebenzi.
“Qaphelani izindlela zokuxhumana, zinhle zimbi. Owesilisa osolwa ngokudlwengula abantu besifazane abane lapha eMpangeni ebayenga ngokuthi uzobatholela umsebenzi kwaTransnet kuvela ukuthi ubebakhohlisa enkundleni yokuxhumana u-2 G0. Ziqapheleni izindlela zokuxhumana, okuthusa kakhulu wukuthi nomuntu wesifazane kusolakala ukuthi ubemdibi munye nomsolwa ngesikhathi kwenziwa la macala,” kubeka iMeya.
Ukhuthaze intsha yakulesi sifunda ukuba ingene emabhizinisini ilekelele isifundazwe ezinkingeni ezifana nesomiso ngamaqhinga ayo.
“Alikho idamu elingaphezu kuka-40%, uma imvula ingani isimo sesomiso sizoba sibi kakhulu. Okungiphatha kabi kakhulu wukuthi ngesikhathi kwenziwa izethulo zokucwalisisa amanzi olwandle ukuze aphuzeke uma sigcine sithatha leya ndlela ukulwa nesomiso, bekungekho ngisho eyodwa inkampani enabantu abasha abamnyama. Ezolimo zinamathuba amaningi. Gxilani emabhizinisini niqhubekele phambili,” kusho uNkk Mchunu.
Uthe uMkhandlu weNtsha ukhiqize indodakazi kaMengameli Jacob Zuma, uDuduzile eveza ukuthi lesi sigcawu siyabalekelela ukuze abantu abasha bazikhulumele ngezingqinamba ababhekene nazo baphinde baqhamuke nezisombululo.
Intsha ebiqhamuka emaqenjini ezepolitiki i-ANC, IFP, DA, NFP ibalule izinkinga zezinga eliphezulu legciwane lengculazi, inkohlakalo kuhulumeni okuyivalela ngaphandle emathubeni amabhizinisi nohulumeni, izingqinamba ngesikhwama esixhasa abafundi i-NSFAS nokuntuleka kwemisebenzi.
UNksz Sbongile Dube oyi “Meya” yoMkhandlu weNtsha uthe basazoqhubeka nezinkulumo mpikiswano namasu okuxazulula izinkinga eziqondene ngqo nentsha.
“Njengabaholi bentsha siyaziqonda izinkinga esibhekene nazo futhi sethemba ukuthi lesi sigcawu sizosilekelela ukuze sibe nezwi ezinkingeni ezibhekene nathi njengabantu abasha namathuba akhona,” kuphetha uNksz Dube.