NGESIKHATHI ontanga yakhe bedlala, yena udumela iphepha nepensela adwebe konke asuke ekubona phambi kwakhe nokwenze waqokelwa neminye yemincintiswano yezobuciko.
UKhulile Ngobese (15) waKwaNgcolosi ngaseHillcrest, ofunda uGrade 10 eBazothini High, usebenzisa ipensela lomsizi ukudweba nokwenza ahluke kontanga yakhe.
Yize esemncane kodwa umsebenzi wakhe usumbeke ebalazweni njengoba esedweba nabanye bosaziwayo.
UKhulile uthe eqala ukudweba opopayi wayezenzela nje kodwa lapho lavela khona ikhono lakhe, wadweba isithombe sikamkhulu wakhe efunda u-grade 2.
"Ngabonwa othisha bangikhuthaza ngaze ngangenela umncintiswano ngifunda u-grade 4 ngiqhudelana nabadala. Ngaphuma phambili sidweba ngokushintsha kwesimo sezulu.
“Ngibe sengiqhudelana nezinye izinhlanga noma bengihlala ngiphuma endaweni yesithathu ngoba angikufundele okuningi," kusho uKhulile.
Eqhuba uthe ukukholwa nokuhlala ekhuleka yikhona okumenza abe nemibono nangeminye imidwebo yakhe. Yize echaza nangezingqinamba abhekene nazo njengoba engasebenzi kodwa uthe akaliphonsi ithawula noma enganazo izinto zokudweba uyalinda unina aze athole amandla.
Iphupho lakhe wukuthola uxhaso akwazi ukufunda ngempelasonto kube khona noxhaso lokuqhuba izifundo zobuciko enyuvesi.
Ngelinye ilanga uKhulile uyazibona ekhangisa ngomsebenzi wakhe phesheya kwezilwandle.
Ephetha uthe ufisa ukuba yisibonelo esihle kontanga yakhe aphinde ajabulise nonina ohlala emeseka.