UTHANDO lokufundisa lwamkhipha esengunjiniyela uthisha waKwaZulu-Natal, ochonywe uphaphe lwegwalagwala yinyuvesi yi-University of Cape Town (UCT) ngendondo yokufundisa kahle isayensi neMaths.
UNkk Nonkululeko Sibisi, oyinhloko yophiko lwesayensi neMaths eDloko High, eMlaza uhlonishwe yi-UCT ngendondo iStella Clark Teachers Award kuleli sonto.
Othisha abahlonishwa ngale ndondo ngabakwaze ukwenza umehluko empilweni yabafundi yize befundisa ezikoleni ezingenazo zonke izinsiza ezingenza ukuthi umfundi abe sezingeni eliphezulu.
UNkk Sibisi, uqokwe yisitshudeni sakule nyuvesi, uSamkelo Nyawose owenza unyaka wokugcina kwiBusiness Science owayefundiswa wuNkk Sibisi iPhysics kwa-matric, Ogwini Technical High ngo-2019, ukuba abe ngomunye wothisha abangenele umcintiswano wokuhlonishwa yinyuvesi.
IPhini likashansela wale nyuvesi, uSolwazi, Mamokgethi Phakeng, lithe bahlabeke umxhwele ngezindlela ezisetshenziswa nguNkk Sibisi uma efundisa.
UNyawose uthe iPhysics ngesinye sezifundo ezinzima esikoleni kodwa indlela eyayisetshenziswa nguNkk Sibisi owayeqala ukumfundisa ngalowo nyaka, yenza ukuthi abafundi abaningi baphase lesi sifundo ngo-A.
UNkk Sibisi uthe: “Angikholwanga ngithola ucingo, luthi ngiwinile. Ngizibuza ukuthi ngiwine ngoba bekwenzenjani.”
Uthe ngaphambi kokuthi abe nguthisha wayewunjiniyela, washiya ngoba ezwa ukuthi akabuthandi kahle kodwa uthanda ukufundisa.
"Ngangisebenza, angisuswanga wukuthi ngenzela ukusheshe ngithole umsebenzi, ngangithanda ukuba wuthisha. Ngangifuna ukufundisa izingane ukuthi senza kanjani ukuthi lezi zifundo ezisatshwayo zifundeke futhi ziphaswe, sisebenzisa izinto esinazo."