UKUKHULA kanzima kwamenza wazibophezela ekusizeni abahlwempu nezingane ezikhulela emakhaya adla imbuya ngothi. UMnuz Khosi Nzimande waKwaMachi eHarding, ongumnikazi wePoizn Construction usebenzisa inzuzo ukufundisa izingane, azithengele umfaniswano wesikole aphinde azikhokhele imali yesikole. Lokhu ukwenza ngaphandle kwenhlangano nokuyinto athi wayihlela eqala ukuthola umsebenzi njengoba egcine kwa-Std 2 esikoleni. Kulo nyaka uthe usebenzise imali engaphezulu kuka-R500 000 ngenxa yokwanda kwabafundi abadinga usizo, okubalwa nezikole zezingane eziphila nokukhubazeka.
" Ngibambisene nothisha bayabahlunga abafundi abadinga usizo bese ngifaka isandla kodwa ezikoleni zezingane eziphila nokukhubazeka angikhethi ngizithengela zonke. Ngisanda kuthenga nezihlalo kulaba ebebengenazo. Akuwona umsebenzi olula ngoba abantu abadinga usizo baningi kodwa ngazibophezela ukuthi uNkulunkulu uma engipha umsebenzi kunemali okumele ngisize ngayo," kusho uNzimande.
Uveze ukuthi ngaphandle kwezikole uyasiza ukungcwabisa imindeni lapho kushonwa kungasebenzi muntu kanti manje umatasa nohlelo lokwakha umtholampilo ozosiza KwaMachi njengoba kuyindawo yasemakhaya akhulele kuyo. UNzimande usenenqwaba yezindondo ebongwa izikole ezehlukene ngokubamba iqhaza kwezemfundo.
UNksz Nosihle Gasa waseMdulashi High, uthe kulo nyaka ubanikelele ngamathoyilethi amathathu, waxhasa umcimbi wothisha ngo-R6000 waphinde wabapha u-R3000 wokuzikhipha. "Ngo-Okthoba 3 uthengele abafundi abane umfaniswano beyomela isifundazwe eLimpopo, ubathembise nokubenzela izincwadi zokushayela.Nasemphakathini uwusizo uthintwa afike manje ezosiza. Nabafundi bamqoke njengomunye wamaqhawe aseHarding ngenxa yemisebenzi ayenzela umphakathi," kusho uNksz Gasa.
UNzimande uveze ukuthi usevule amathuba omsebenzi kubantu abangaphezulu kuka-4000 ngokubambisana namakhansela ezindaweni ezehlukene.