MINENHLE MKHIZE noLUNGILE MAJOKA
U KUNTULA imali kweqembu abelidlalela kwenze uMame Niang wabuyela kuMamelodi Sundowns njengoba kuyimanje uzingela iqembu laku-Absa Premiership angase alidlalele kuze kuphele isizini. Izindaba zokubuya eNingizimu Afrika kwalo mgadli odabuka eSenegal ziqinisekiswe yimenenja yakhe, uSteve Kapeluschnik, ngemuva kokubonakala kukaNiang eshaywa umoya ezindaweni zokuphola eGoli. UNiang ubolekiswe yiSundowns ku-AEL Limassol yaseCyprus ekuqaleni kwesizini. Isivumelwano besithi uzohlala kuleli qembu eliyibambe ngasemsileni ku-log yakuleliya lizwe kuze kuphele isizini. Usalelwe yisizini nohhafu kwinkontileka yakhe neSundowns.
Izolo uKapeluschnik utshele Isolezwe ukuthi umdlali wakhe uqome ukubuya ngoba iqembu abekulona linenkinga yemali.
“Yebo ngingakuqinisekisa ukuthi uNiang useNingizimu Afrika. Isizathu sokubuya kwakhe ukuthi iqembu abebolekiswe kulona likhungethwe yinkinga yemali. Ngokwesivumelwano esasenza ekuqaleni kwesizini uNiang bekumele ahlale eCyprus kuze kuphele isizini kodwa ukungaholi kwakhe yikona okwenze sathatha isinqumo sokusinqamula isivumelwano,” kusho uKapeluschnik.
Selokhu kuvele izindaba zokuthi uNiang usebuyele kuleli, kuqale kwakhula amahlebezi okuthi ufunwa yi-Orlando Pirates. Ukubonakala kukaNiang enkundleni yezokuxhumana egqoke isikhindi esibonakala sinebheji leBhakabhaka asifake ngempelasonto, kuwaqinisile la mahlebezi, abanye babalandeli bakhe ku-Instagram bebuza ukuthi ngabe usebheke eMayfair yini? Phambilini iPirates yake yamfuna lo mdlali ngesikhathi ekuSuperSport United.
“Njengamanje siphansi phezulu sizama ukutholela uNiang iqembu azodlala kulona eNingizimu Afrika. Yize esenenkontileka neSundowns kodwa ngeke akwazi ukubhaliswa njengomdlali wayo ngoba isisiqedile isibalo sabadlali bangaphandle kule sizini. Indaba yePirates ngiqala ukuyizwa ngawe. Angikaze ngikhulume nayo futhi ayikaze isithinte isibuze ngomdlali. ISundowns isinikezile igunya lokungena ezingxoxweni nanoma yiliphi iqembu elizokwazi ukubhekana nokufunwa umdlali,” kuchaza uKapeluschnik.
Kuthinthwa okhulumela iSundowns, uThulani Thuswa uvumile ukuthi uNiang usebuyele kuleli futhi usengumdlali wamaBrazilians. Akabange esacacisa ngokuthi ngabe ujima neqembu yini. Ucele ukubuye athintwe ukuze athole imininingwane egcwele kuMike Ntombela oyisikhulu kuleli qembu.
Sekubuyelwa kuThuswa ngemuva kwehora njengokucela kwakhe, uphinde waba umuntu oxinekile, wathi uzobuyela entathelini. UKapeluschnik ophinde abe yimenenja kaBongani Zungu, uqinisekisile ukuthi lo mdlali uzobe edlala phesheya ngesizini ezayo. UZungu usayine kuVitoria de Guimaraes edlala kuPremier League ePortugal. Uthe baqoke ukuyisa uZungu kuleli qembu ngenxa yomlando walo wokungesabi ukuthuthukisa abadlali bese libadayisela amaqembu adlala kumaligi amakhulu e-Europe. IGuimaraes iyibambe endaweni yesithupha ku-log.