UKHALELWE amasongo kaSigonyela umshayeli wemoto ekhokhelwa ngebanga elihambile, iBolt, obanjwe ezama ukubamba inkunzi imoto ethumela izimpahla emakhaya KwaMashu.
Lo mshayeli, ogadwe ngamaphoyisa esibhedlela, kuthiwa ubehamba nabangani bakhe ngemoto aqashelwe ukuthi athuthe ngayo abagibeli abayise lapho beya khona.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, kuthiwa bazame ukuvimba imoto ethwala izimpahla (icourier) ebihamba KwaMashu kwaL kanti kuzoqhamuka amaphoyisa.
Babaleke ngemoto amaphoyisa ebajaha agcina edubula isondo layo, wehluleka ukuyilawula yashayisa udonga lomunye umuzi kwaN.
Umnikazi womuzi, uNkk Zodwa Memela, uthe ubezwe ngomsindo imoto ishayisa udonga okubiywe ngalo.
"Ngithe ngiyaphuma endlini ngazithela emotweni isigaxele odongeni, abebephakathi baphuma babaleka. Amaphoyisa abebalandela abedubula, umshayeli udubulekile. Amaphoyisa amthatha amphuthumisa esibhedlela. Bengihlale ngizwa kuthiwa abashayela izimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile yizigebengu. Ngizibonele ngawami namhlanje. Bekungathi ifilimu bephuma begijima emotweni bebaleka. Amaphoyisa athole inqwaba yezinombolo eziwumgunyathi ebebezinamathelisa uma beganga," kusho uNkk Memela.
Umnikazi wemoto, uMnuz Lucky Cele, uthe ubengakaze asole lutho ngoba umshayeli wakhe ubemnika imali ejwayelekile njalo ngesonto.
"Akulula ukubona ukuthi umshayeli uyaganga ngale moto ngoba angasebenza noma yikuphi. Itracker iyasho kodwa ngeke usole. Mina ngisuswe ukuthi itracker ingitshele ukuthi imoto iyashayisa. Ngaphuthuma ngaya lapho ingitshela khona ngafika ngathola ukuthi ubejahwa amaphoyisa washayisa udonga lomuzi womuntu. Ngizibonele ngokwami ama-number plates abewanamathelisile ngesikhathi eshayisa. Amaphoyisa angitshela ukuthi kunamacala amaningi avuliwe abenziwa yile moto kodwa bekungelula ukuyibamba ngoba ibuye ishintshwe. Eyami imoto iyiND kodwa ngiyifice inenombolo eyiNUR," kusho uCele.