AWUKAYIKHOLWA namanje into oyibonile umndeni wakwaMkhize KwaLuzizi, eMid-Illovo, okuthiwa ilungu lomndeni walo libulale ngesihluku isaguga sakhona nendodakazi yaso.
Kulesi sigameko esenzeke ngoLwesithathu kushone uNkk Mathithi Mkhize (83) noNksz Celiwe Mkhize (39).
Isidumbu sikaNkk Mkhize kuthiwa sitholwe phambi kwendlu abebehlala kuyo kwathi esikaNksz Mkhize satholwa egcekeni.
Amakhanda abo kuthiwa atholwe emgodini wendlu yangasese ekhona egcekeni.
Ilungu lomndeni, uMnuz Mthandeni Mkhize, lithe ibathuse kakhulu into eyenzekile futhi ayikholakali.
“Okubuhlungu ukuthi umuntu ongumzali kanjalo nodadewethu babulawe ngesihluku esinje. Okwenza izinto zibe nzima nakakhulu ukuthi bahambe ngesandla somuntu owumndeni,” kubabaza uMkhize.
Uthe uyafisa ukumbona ubuso nobuso umsolwa - okuthiwa ugcine eboshwa ngamaphoyisa ngoLwesithathu ebusuku - ake amchazele ukuthi bebemenzeni abagilwa.
Elandisa ngesigameko, uthe bathole ukuthi umsolwa, onomuzi wakhe endaweni, ufike endaweni yesigameko sebevukile abagilwa besegcekeni. Uthe umuntu obesalele yingane eneminyaka engu-12 ezalwa nguNksz Mkhize.
“Ivuswe umsindo wabantu abakhalayo egcekeni, yathi uma ilunguza ngewindi yathola ukuthi ugogo wayo uselele phansi, ngaleso sikhathi umsolwa ubesedlulele kunina wayo ingane, naye esewe phansi,” kusho uMkhize.
Uqhube wathi ivele yaphuma ngewindi langemuva yayokwazisa omakhelwane.
Uthe abayazi imbangela edale ukuthi ahlasele abagilwa ngesihluku.
Umsolwa kuthiwa udubule laba bobabili wase ebanquma amakhanda.
Uphinde waveza nokuthi bebengazi bona ukuthi umsolwa unesibhamu, wabuye wathi abamazeli zidakamizwa azisebenzisayo.
Uveze ukuthi umsolwa utholwe ehlathini khona endaweni lapho ebebaleke wayocasha khona emva kokwenza isigameko.
Umthombo, ocele ukungadalulwa, uthe bebuvele bungebuhle ubudlelwano bukaNkk Mkhize nendodana yakhe engumsolwa.
Uthe umsolwa ubevame ukuchukuluza uNkk Mkhize ethi akamthandi futhi uyimbangela yokuthi angalungelwa yilutho.
“Asazi-ke noma yikho lokhu okuholele ekutheni agcine esenza kanje,” kusho umthombo.
Uveze ukuthi amakhanda abagilwa atholwe sekulandelwa amaconsi egazi, abehambe econsa aze ayofika endlini yangasese.
Ikhansela lendawo, uMnuz Mhlengi Cele, lithe isimo simuncu endaweni kulandela isigameko, lathi abantu basathukile kwazise siyaqala ukwenzeka isehlakalo esifana naalesi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseMid-Illovo abophe owesilisa oneminyaka engu-54 eSigodini.
“Uboshwe kulandela isigameko sokubulawa kukanina (83) nendodakazi (39) yakhe okusolwa ukuthi babulawe nguye lona wesilisa eLuzizi eMid-Illovo ngoLwesithathu,” kusho uConst Ngcobo.
Uqhube wathi imbangela yokubulala ayikaziwa kanti umsolwa kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseRichmond namuhla.