KUGQUGQUZELWA abantu baseNingizimu Afrika ukuba balungise imininingwane yabo njengoba selivuliwe iwindi lokuqoqa intela yalo nyaka.
UKhomishana weSouth African Revenue Service (Sars), uMnuz Edward Kieswetter, uthe basebenzisa izindlela ezihlukene ukuqoqa intela okubalwa ukuvakashela emagatsheni abo, ukufaka imininingwane online nangokulungiselela abantu imininingwane yabo yentela bengenzanga lutho.
Uveze ukuthi bangaphezu kuka-5 million abantu abenzelwe i-automatic assessment.
Imali esibuyiselwe kubantu iwu-R10 billion kanti imvamisa abantu babuyelwa wuR5 900.
“Kubalulekile ukuthi abantu bafake intela yabo, balungise imininingwane yabo. Sizoqinisekisa ukuthi siyabasiza ngokushesha emagatsheni ethu, siyabagqugquzela ukuthi bafake imininingwane online ngezinhlelo zethu zobuchwepheshe ezihlukene. Siyayenza i-automatic assessment kodwa abanye abantu kufanele bazifakele bona imininingwane yabo,” kusho uKieswetter.
Uthe ngonyaka odlule bakwazile ukugwema ukuthi uR100 billion uqolwe ngabantu akade bezobuyelwa yimali ngendlela engafanele.
Kusukela ngoMsombuluko bangaphezu kuka-191 000 abantu abafake imininingwane yabo yentela, abawu-183 000 bazifake ngamakhompyutha kanti abawu-7 700 bebesebenzisa iMobiApp.
Uveze ukuthi baphendule izinkulumo eziwu-16 million online, wathi abantu kufanele bangene kwiwebsite yakwaSars ukuze basizakale.
Ngaphambi kokuya egatsheni lakwaSars, uKieswetter uthe abantu abavakashele ikhasi elithi www.secure.sarsefiling.co.za badownloade i-app yakwaSars ku-Google Play noma Apple Stores. Bangashayela no *134*7277# bayakwazi nokuthumela uWhatsApp ku- 0800 11 7277 noma bangene ku-www.sars.gov.za
Unxuse abaqashi ukuthi bayeke ukuthumela abantu abasuke besafuna umsebenzi ukuba bayocela itax number emahhovisi akwaSars, wathi ngabaqashi okufanele benze lokhu.