UNQUME ukungabuvuseleli ubulungu bakhe kwiNFP wajoyina i-EFF omunye wabebengabaholi abaqavile beNFP, uNksz Happy Khuzwayo.
UNksz Khuzwayo oke waba yilungu lesiShayamthetho KwaZulu-Natal, ephinde abe ngumholi wophiko lwentsha lwabesifazane kuleli qembu, ushiye ngoba ebona ukuthi ayisekho inqubekela phambili njengoba abanye babaholi esifundazweni ethi badonsa baya le.
Ekhuluma neSolezwe ngokushiya kwakhe, uthe unqume ukungabuvuseleli ubulungu ngoba ebona ukuthi umbango okhona uyaqhubeka.
Uthe ubuholi besifundazwe abafuni ukulandela umyalelo wethimba eliphezulu lesikhashana elaqokwa.
“Njengoba bengingelinye lamalungu asekomitini lesikhashana lesigungu esiphezulu, ubuholi besifundazwe bebungayithathi imiyalelo, buzenzela umathanda. Bengibona ukuthi ayikho inqubekela phambili, okunalokho kugidagidwa endaweni eyodwa,” kusho uNksz Khuzwayo. Uthe bebengafuni ukulalela yingakho egcine enqume ukuthi ashiye kwiNFP.
“Kusuka ngo-2014, bekungekho ukusebenza okuhle yingakho nginqume ukuthi ngiye kwelinye iqembu. Ngihlale phansi ngabheka amaqembu ebengingawajoyina nganquma ukuthi ngiye kwi-EFF.” Uthe ubuke inqubomgomo ye-EFF wabona ukuthi iyona azozwana nayo.
“Angikaze ngicabange ukuthi ngijoyine i-ANC ne-IFP, baba nenzondo nabantu abaphuma kwiNFP. Ikhaya engibone ukuthi ngizoqhubeka ngisebenzele abantu kulona i-EFF,” kusho uNksz Khuzwayo.
Uthe ubazi ukuthi kuzothi kuphunywa engqungqutheleni yeNFP okulindeleke ukuthi ibe ngoDisemba kube kugqigqwa ezinkantolo.
“Bekuzogqigqwa ezinkantolo ngoba isigungu esiphezulu sesikhashana besingeke silalelwe abantu, bebezofuna ukusho ukuthi naba abantu esifuna ukubajubela engqungqutheleni. Lokhu bekuzokwenza ukuthi kube namacala abezofakwa kuhanjwe izinkantolo,” kuqhuba uNksz Khuzwayo.
Uthe njengoba engumcwaningi eneziqu zeMaster’s kumanje umatasa neziqu zakhe zobudokotela kulo mkhakha.
Uqhube wathi uyazi ukuthi uMengameli weNFP, uNkk Zanele Magwaza-Msibi, wasuliswa yingcindezi yobuholi obusezansi ekubeni yilungu lePhalamende.
“Ngiyamhlonipha uKaMagwaza, ngifunde kakhulu kuyena futhi ngisazoqhubeka ngisebenzise lokhu engikufundile. Kwi-EFF ngiyoba yilungu nje elejwayelekile angibheke sikhundla.”
Ibamba likaSihlalo wekomiti lesikhashana lesigungu esiphezulu seNFP, uMnuz Bhekithemba Dlamini, lifisele inhlanhla uNksz Khuzwayo lapho eya khona.
“Simfisela inhlanhla lapho eya khona ngoba wonke umuntu unelungelo lokujoyina noma iliphi iqembu alithandayo. Asimile, siyaqhuba kwiNFP njengoba kusasa (namhlanje) sizobe samukela amanye amalungu avela kwamanye amaqembu,” kusho uDlamini.