LUZOQALWA phansi ukhetho lwezindawo eNquthu ngemuva kokuthi umkhandlu wakhona uhlakaziwe izolo.
Esithangamini nabezindaba eMayville, eThekwini, izolo uNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube umemezele ukuthi bayawuhlakaza lo mkhandlu ngenhloso yokuthi kuqalwe phansi ukhetho ezinsukwini ezingu-90 kusukela manje.
“Kuyacaca ukuthi uMkhandlu waseNquthu ubungeke ukwazi ukuqhubeka ngaphandle kokukhethwa kobuholi bawo, yingakho sithathe isinqumo sokuthi siwuhlakaze kuqalwe phansi ukhetho,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Uthe ukuthatha lesi sinqumo akubanga yinto elula kodwa akukho okunye abebengakwenza.
“Imizamo yokukhetha ubuholi baseNquthu ibisiphazamiseke izikhawu eziyisikhombisa, yonke imizamo siyenzile kodwa yangaphumelela,” usho kanje.
Uthe banethemba lokuthi lesi sinqumo sizoba yisifundo nakwabanye omasipala abanezinkinga.
“Iqiniso lithi abantu baseNquthu bakhathele ukubuka lokhu kuklwebhana obekwenziwa ngosopolitiki obekwenza ukuthi umasipala ungakwazi ukusebenza, wonke umdlalo uba nesiphetho njengoba sekwenzeka naseNquthu,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Uthe isinqumo sabo kasigqugquzelwa yikhwelo lobuholi be-ANC esifundazweni lokuthi kumele luqalwe phansi ukhetho lwaseNquthu.
UMkhandlu waseNquthu ubusuhluleke kasikhombisa ukukhetha ubuholi ngenxa yombango wezepolitiki.
Amakhansela eNFP ne-EFF abefakana enkantolo ebanga izikhundla ngesikhathi i-IFP ne-ANC bebanga ukuphatha umkhandlu.
USihlalo we-IFP kuzwelonke, uMnuz Blessed Gwala, uthe badumele ngesinqumo sikaNkk Dube-Ncube sokuhlakaza uMkhandlu waseNquthu.
“Njenge-IFP sithukile ukuthi uNgqongqoshe neKhabhinethi yaKwaZulu-Natal bathathe lesi sinqumo ngoba kusukela emhlanganweni wokuqala i-ANC iyona ebiyinyomfa sizoya okhethweni ngoba akukho esingakwenza,” kusho uGwala.
Uthe umdonsiswano awukho mayelana neNquthu kodwa ungo-R90 million wethenda yamanzi eMkhandlwini waseMzinyathi, isinqumo esivele sesithathiwe ukuthi izonikwa bani.
Okhulumela iNFP kuzwelonke, uMnuz Sabelo Sigudu, uthe bayasamukela lesi sinqumo.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthe bekulokhu kuwumbono wabo ukuthi kubuyelwe kubantu baphinde babuzwe ukuthi bafuna ukuholwa ngubani.