LIGWETSHWE kanzima iphoyisa elaqotha abasekhweni kunomhlangano wokuxazulula izinkinga phakathi kwalo nomkalo eSand River Trust, eHazyview ngomhla ka 30 Ephreli 2023.
Kubikwa ukuthi uConstable Sizwe Cedrick Khoza oneminyaka engu-38 wayenezinkinga nomkakhe uNomthandazo Suzan Mnisi (31) ngesikhathi ecela abasekhweni lakhe bangenele.
Kulowo mhlangano kwafika udadewabo kamakoti uXolisile Mnisi (32), ongumhlengikazi esibhedlela iMatikwane nomfowabo uDennis Mkhatshwa (42).
“Kubikwa ukuthi kwaqubuka ingxabano emhlanganweni, umfowabo kamakoti watshela uKhoza ukuthi ungumfana omncane. Kuthiwa lokhu kwathukuthelisa uKhoza owaphuma waya egumbini lokulala eyolanda isibhamu sakhe somsebenzi.
Kuthiwa leli phoyisa lalanda isibhamu lifuna ukukhombisa umlamu walo ukuthi umfana omncane ukwazi ukwenzani.
Icala labikwa kwabe-IPID, waboshwa uKhoza kodwa wabuye wadedelwa ngebheyili.
Icala lakhe ladluliselwa ophikweni lwezokushushisa eMpumalanga lapho kwanqunywa khona ukuthi abekwe amacala amathathu okubulala.
Leli phoyisa elalisebenza esiteshini saseMasoyi lawavuma amacala ngomhla ka 3 kwephezulu njengoba seligwetshwa.
“UKhoza ugwetshwe odilikajele abathathu ngecala ngalinye lokubulala kwakhishwa nomyalelo wokuthi akafanelwe wukuphatha isibhamu,” kuqhubeka u