LIDINWE lagana unwabu iJaji Ratha Mokgoatlheng, elihlalele ukuqulwa kwecala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, licikwa ngabameli laze laguqisa icala. Bekubangwa ukuchitshiyelwa kwencwadi efungelwe kafakazi.
UMeyiwa owayeyisilomo se-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ngo-2014, ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, eGauteng. UMbuso uthi abamangalelwa bathengwa ukuthi bamphumele inqina okwenyamazane uMeyiwa, baqede ngaye.
Icala liguqe kungasekuhle kuphambana imibono. UMbuso ubize ufakazi ongungoti wamaselula kwavela ukuthi uthathe umsebenzi obuwenziwa nguColonel Lambertus Steyn, osethathe umhlalaphansi. Umsindo usuke lapho-ke kubangwa ukuthi incwadi efungelwe bekufanele icacise kahle ngoshintsho longoti bamaselula.
Abameli baveze ukungenami kwabo bethi indlela okwenzeka ngayo ayinabo ubulungiswa kubamangalelwa. Kukhononde kakhulu u-Advocate Zandile Mshololo, omele ummangalelwa wesihlanu uFisokuhle Ntuli.
UMbuso neJaji bavumelene ngokuthi kuqhutshekwe nencwadi efungelwe engalungisiwe kodwa u-Advocate Mshololo wala ukhasha, wathi ngeke.
“Lokhu okwenzekayo akunabo ubulungiswa ekhasimendeni lami ngoba simangele nje ukuthi incwadi ilungiswa khona lapha ebhokisini lofakazi. Asazi futhi ukuthi yini enye esazolungiswa,’’ kubhoka u-Adv Mshololo.
IJaji libonakale licikeka kakhulu ngalokhu lithi akufanele ngabe kunenkinga ngoba kuyachazwa ukuthi ufakazi omusha uthathe izintambo kuSteyn othathe umhlalaphansi.
“Hhayi ! kuyacaca ukuthi ukuqonda izinto kahle kuhambisana nesipiliyoni inkosi impela. Kusobala ukuthi sizomosha isikhathi ngalolu daba. Kungcono siyeke, sihambe sibuye kusasa ngoba kuthiwa asenzi ubulungiswa. Ngiyaxolisa kakhulu ngalokhu,’’ kusho ijaji libonakala ukuthi licikekile futhi linikina ikhanda lize liyancinciza.
U-Advocate Mshololo ubenikina ikhanda ngesikhathi iJaji likhuluma sakuthetha lihlehlisa icala. Ngaphambi kwalokho kuke kwabangwa indaba yokuqasha uchwepheshe ohlola izibhamu.
Abameli babecele ukuletha ungoti wabo wezibhamu ukuthi azohlola isibhamu namagobolondo okuthiwa kwabulala uMeyiwa. Ungoti kufanele akhokhelwe abeLegal Aid kodwa lokhu akukenzeki. Libangiwe lelo phuzu kwaze kwalethwa omele abeLegal Aid, ukuthi azochaza.
Kulindeleke ukuthi icala liqhubeke ngoLwesithathu lapho ungoti wamaselula ezokweneka ubufakazi bakhe.