LIZOGAYA ngomunye umhlathi eqenjini elesekwa owayengumengameli wezwe ne-ANC uJacob Zuma, Umkhonto weSizwe, njengoba abazoba sesigungwini esiphezulu saleli qembu bengeke bazinuke izikhundla zokuba ongqongqoshe.
UZuma uthe izinto zizokwenziwa ngendlela ehlukile kuleli qembu.
“Niyabona nje, senze ngamabomu ukuthi singabi naso isigungu sabaholi abaphezulu kuleli qembu okujwayelekile emaqenjini ezepolitiki. Sifuna ukukhetha kahle labo abazoya kuhulumeni nalabo abazoqhubeka bahole iqembu. Uma usesigungwini esiphezulu ngeke ube ngungqongqoshe. Sifuna ukugada abajaha izikhundla,” kusho uZuma.
Uthe inkinga idalwa ngukuthi umuntu oyedwa uba sesigungwini seqembu, abe ngungqongqoshe bese engabikhona ozomgada.
“Kuzoba lula uma eqenjini kukhona abazomgada. Asizothatha noma ngubani simenze ungqongqoshe, sizobabhekisisa. Ngibezwile nje abanye bejabulela ukuthi basohlwini oluya ePhalamende, abangekho bathukuthele bayaveva.”
Uthe wabatshela ukuthi akujahwe lutho kuleli qembu.
“Abezwa, ngabatshela ukuthi asijahe lutho, yonke imikhakha izomeleleka ePhalamende. Abanye abasohlwini bazodeda uma sengizikhethela abantu abakhubazekile, abaculi, amakhosi, izinyanga kanjalo nakweminye imikhakha abaya ePhalamende. Abanye sizobakhipha ohlwini ukuze babone ukuthi abanazo izikhundla. Ningathuki uma sekwenzeka lokhu, nibuze ukuthi senzani.”
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabeseka leli qembu eMsinga ngempelasonto.
Uthe izwe lizobuyela emakhosini okuyiwo azohlonishwa ashaye nomthetho.
“Sithathe isinqumo sokuthi silithathe izwe libuyele kithina ngoba siyabona ukuthi abafowethu abalengamele abaliphethe kahle. Uhulumeni kwamanye amazwe ukhothama futhi usebenzele Inkosi yakhona. ENgilandi akekho umengameli, kodwa kukhona obambele osebenza ngaphansi kwenkosi yakhona. Kungani amakhosi ethu enganikwa la mandla? Sibaphuca abaphethe izwe ngoba sifuna amakhosi abe namandla nezwi ekuphathweni kwezwe. Akube yiwona azosithuma njengabanikazi bezwe.”
Uthe ivoti libalulekile wathi ukube kuya ngaye ngabe kuvotwa kuvulelekile.
“Kungani yonke into isobala kuleli kodwa ivoti liyimfihlo. Sizowushintsha umthetho, sifuna kuvotwe ngokuvulelekile. Umuntu akavote kubonakale ukuthi uvoteleni. Kungani kumele usabe uma uvotele into oyithandayo? Yingakho sithi asibuyele eMkhontweni, sivotele leli qembu njengendlu emnyama. Benza imfihlo yokuvota ngoba bafuna ukusirobha, izigebengu ziyakhwabanisa.”
Uthe iMK ilona qembu elizoletha inkululeko abantu abazoyibamba ngezandla.
Uveze ukuthi izimayini zizophathwa abamnyama wathi izimboni kumele zibe semakhaya.
“Sifuna ukuyishintsha nemithetho esigwebayo nsuku zonke. Sisebenzisa imithetho yabelungu, iRoman Dutch Law, sizoyishintsha sifake umthetho ophethe abantu base-Afrika. Ngihlale ejele iminyaka ngenxa yalo mthetho wabelungu, ngiyazi ngo-si into engikhuluma ngayo.”
Uthe izimpimpi zihlale zikhona ezweni wathi ngesikhathi kusaliwa yayigaxwa ithayi.
Ubalule nokuthi uhulumeni uzoba nemali yokufundisa yonke intsha.
“Uma ubalekela isikole sizokufaka ejele, ufundele khona uze ugogode. Ingane encane efundayo uma iqeda u-matric iya emasosheni, iyofundela ukuvikela izwe. Iyofunda ukuhlonipha, bese iya enyuvesi. Akekho ongeke aye enyuvesi, uzobe ehlaleleni? Akukho ngane ezophuza utshwala, lutho. Intando yabantu ivuna ukuthi ingane iphuze noyise, kuzophela lokhu.”