UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nobuHoli boMdabu KwaZulu-Natal uxwayisa umphakathi ngokuthi kungenzeka kube nemililo yequbula ezingxenyeni ezithile zesifundazwe ngenxa yomoya oqale ekuseni.
UMphathiswa walo mnyango, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uthe ngokolwazi abalutholile ezangomeni zezulu kulindeleke ukuthi kube nesimo sezulu esingaholela ekutheni kube nemililo yequbula kusukela ngo-9 ekuseni kuze kube ngu-10 ebusuku.
Izindawo ezingathinteka ezingaphansi kukaMasipala Abaqulusi, i-Alfred Duma, iBig Five Hlabisa, iDr Nkosazana Dlamini-Zuma, eThekwini, iGreater Kokstad, Impendle, Ingwe, Inkosi Langalibalele, owaKwaDukuza, iseMandeni, iKwaMaphumulo, eMkhambathini, iseMpofana, iseMsinga, eMthonjaneni, eMtubatuba,eNdwedwe naseNewcastle.
"Amathimba ezinhlekelele kulabo masipala asemi ngomumo ukuze abhekane nezinhlekele ezingase zibe khona," kusho uMphathiswa esitatimendeni.
Lo mnyango unxusa umphakathi ukuthi ungabasi imililo ezindaweni ezivulekile noma ushiye umlilo ungagadiwe.
Ungalahli izinqamu zikagwayi ngamafasitela ezimoto noma ezindaweni ezivulekile.
Ugweme ukujikijela amabhodlela ezigangeni ngoba akwazi ukukhulisa imisebe yelanga futhi okhele imililo.
Ukuthi uzilungiselele izinhlekelele ezingenzeka zomlilo ngokuthi wazi ukuthi izinsiza zokucisha umlilo zitholakala kanjani.
Uma kuba nomlilo omkhulu, ubike ngokushesha bese uyaqhela kuleyo ndawo udedele ochwepheshe ukuthi bawulawule.