IGCINE isusiwe esikhundleni imeya kuMasipala waseBaqulusini, emva kokusabalala ezinkundleni zokuxhumana kwenkulumo yayo eqoshiwe enamagama alumelayo.
Isinqumo sosusa esikhundleni uMnuz Mncedisi Maphisa oyiMeya kulo masipala sithathwe emhlanganweni wesigungu esiphezulu se-IFP, ubuyizolo (ngoMsombuluko).
UMaphisa ubemisiwe emsebenzi kusuka ngesonto eledlule njengoba i-IFP yaqinisekisa ukuthi kusanophenyo lwangaphakathi oluqhubekayo ngalolu daba.
Lesi sigungu siphinde sathatha isinqumo sokuhoxisa esikhundleni ikhansela kuMasipala i- Alfred Duma, uMnuz Abbas Warasally, okusabalale inkulumo yakhe eqoshiwe enunusela ngomsebenzi owesifazane kodwa emfuna ocansini.
Okhulumela i- IFP kuzwelonke uMnuz Mkhuleko Hlengwa uthe leli qembu limile ekuqinisekiseni amalungelo abasefazane nokugxeka ukuphathwa budlabha kwamandla kuhlulunyezwa abesifazane.
“I- IFP imile ekutheni amalungu ayo, abaholi nabamele umphakathi, ukuthi nenze umsebenzi wabo ngenhlonipho,” kusho uHlengwa.
Uthe iphini likameya kuMasipala waseBaqulusini lizobamba njengemeya kuze kube iyaqokwa.
Lo mhlangano uphinde waqoka obewuSomlomo eBaqulusini uMnuz Mkhonyovu Khumalo, ekutheni ayohlala esigungwini esiphezulu samakhansela kuMasipala waseZululand.