KUZOBA umlando ukuwela umfula ngezinyawo emphakathini waseNtinini, eNquthu, ngemva kokuvulwa kwamabhuloho ezimoto amabili izolo.
Ukwakhiwa kwamabhuloho ezimoto iNtinini River Vehicle Bridg,e neNtinini White Umflozi River Bridge kudle uR42 million. Kudale amathuba emisebenzi angu-44.
Avulwe ngokusemthethweni uNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi uMnuz Bheki Ntuli.
UNtuli uqale wavula iNtinini River Vehicle Bridge elingumzila owodwa wokuwela izimoto ngokudedelana.
Uvule ibhuloho lesibili athe lizokwenza kube lula ukuhanjelwa kwezindawo ezehlukene zaseNquthu nasoLundi emiphakathini eyakhele umfula, Umfolozi.
UNtuli uthe njengoba u-Okthoba kuyinyanga yezokuthutha, bazobe beqinisa ezokuphepha emigwaqweni, belwa nokudaleka kwezingozi, bethulela imiphakathi ingqalasizinda futhi beqinise isandla koskhwiliphambananobhoko.
“Ukwakhiwa kwamabhuloho amabili kuzosiza umphakathi ukuthi ufinyelele kalula ezindaweni zemisebenzi. Azonciphisa ibanga elihanjwa abantu baseNtinini uma beya ezikoleni, ezibhedlela nasemitholampilo.
Uhlelo lwethu lwentuthuko elokuthuthukisa ingqalasizinda yomgwaqo nokuhlomulisa abantu bakule miphakathi ngamathuba emisebenzi namakhono,” kusho uNtuli.
Uthe umnyango usebenzise uR737 million ngokulungisa futhi wakha imigwaqo emidala namabhuloho kumasipala, uMzinyathi onyakeni wezimali u2020/21.
Kulo nyaka wezimali kubekwe eceleni uR8.3 billion ohlelelwe ukuthuthukisa ingqalasizinda yezokuthutha.
UNtuli nxenxe amaphoyisa omgwaqo ukuthi aqinise isandla uma ebhekene noskhwiliphambananobhoko abaphula imithetho yomgwaqo. Ukusho lokhu esivimbamgwaqweni esiqale sabakhona emgwaqweni uP194.