Kutheleke KwaZulu-Natal amaphoyisa engeziwe ukuzoqapha isimo njengoba kusaqhubeka izinguyazana zamaqembu zokwakha uhulumeni wokubambisana.
La maphoyisa ajutshwe nguKhomishana wamaphoyisa uGeneral Fannie Masemola, kanti azosebenzisana namasosha uma kunesidingo.
UMasemola ujube amaphoyisa angu-300 ophiko oluqapha izibhelu emphakathini ukuzoqapha isimo.
Leli yithimba lesithathu ukujutshwa eKZN.
UMasemola waqala wajuba amaphoyisa angu-200 ekuqaleni kwenyanga edlule, waphinde wajuba amanye angu-300 ngesikhathi sokhetho njengoba esejube ithimba langu-300 manje.
Ezingxenyeni ezehlukene eThekwini okubalwa Kwa-D KwaMashu, kubonakale amasosha abehlome ephelele abeqaphe isimo.
E-Avoca nasemgwaqweni uMngeni eThekwini, amaphoyisa abevala kwasani, esesha izimoto, amatekisi kanjalo namaloli.
Amanye amaphoyisa abekanise nasemigwaqweni engenela ezimbonini zaseMariannhill nasePinetown, lapho kwatatshwa khona inyama notshwala ngezikhathi zezibhelu ngo-2021, esesha izimoto.
Ezinye izimoto zamaphoyisa bezishaye ujenga zilibhekise ngaseChatsworth.
UMasemola uthe bajube la maphoyisa emuva kokuthola umbiko wethimba lezobunhloli.
“Sengeze amaphoyisa emuva kombiko wezobunhloli wokuthi kukhona okuhlelwayo noma ngingeke ngisho ukuthi yini. Lo mbiko uveza ukuthi alukabikhona uzinzo, yingakho sithumele amaphoyisa ophiko oluqapha izibhelu,” kusho uMasemola.
Uthe banolwazi ngazo zonke izinto ezihlelwayo eKZN, wathi yingakho befuna ukuzinqanda.
“Siyazi ukuthi abantu benzani nokuthi bahlelani yingakho siqinise ezokuphepha eKZN. Amaphoyisa azozinza eKZN kuze kube siyaqinisekisa ukuthi kuphephile,” kusho uMasemola.
Uthe uzothumela amanye amaphoyisa uma kunesidingo.
“Ukhetho lube nokuthula kanjalo nozinzo. Abantu bavote ngokukhululeka futhi ngaphandle kokusatshiswa. Siyabonga emphakathini ngokuziphatha kahle ngalesi sikhathi,” kuqhuba uMasemola.
Omunye usihlalo womkhandlu obhekele ukuphepha ezweni iNational Joint Operational and Intelligence Structure (NATJOINTS), uLieutenant General Tebello Mosikili, uthe amasosha ami ngomumo ukulekelela uma kunesidingo.
Uthe anendima ayidlalayo amasosha njengoba eyingxenye yomkhandlu.
Uveze ukuthi amaphoyisa awajutshiwe kuphela eKZN kodwa nakwezinye izifundazwe.
“Sithola ulwazi lwezobunhloli bese silandela lowo mbiko ngoba asifuni ukuthi kusiphinde okwasenza phambilini, kwaqubuka udlame singalindele. Kulokhu lonke ulwazi esilutholayo siyaluhlelela ngendlela ngoba asifuni ukuzithola sibamba siyeka. Yingakho sijube amaphoyisa eKZN ukuze aqhubeke nokuqapha isimo.”
Ukhomishana wamaphoyisa uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi, uxwayise osikhwili phambana nobhoko esifundazweni wathi babhiyoze bazibheke ngoba amaphoyisa azobe eqaphe isimo.
Uthe amaphoyisa azolokhu esiqaphile isimo kuze kubunjwe uhulumeni.