USOLA isikhwele kumsolwa, umndeni womfundi ka-matric obulawe uyise wengane yakhe KwaDumisa, eMzinto.
Isidumbu sikaZanele Khathi (18) obefunda eSiphapheme High sitholwe egumbini abelala kulo ngoLwesine emini. Kusolwa ukuthi umsolwa umbulale ngokumshaya aphinde amklinye ngoLwesithathu ebusuku.
Ngokusho kukamalume wakhe, uMnuz Petros Khathi, umufi ubenengane enonyaka nezinyanga eziyisithupha nomsolwa.
Uthe ubehlala nogogo (78) ongasaboni kahle emehlweni nophinde angezwa kahle nasezindlebeni ngenxa yokuguga.
“Uye ugogo oqaphele ngoLwesine ngabo-10 ekuseni ukuthi umufi akazange amuzwe elungiselela ukuya esikoleni. Uhambe wayobheka lapho elala khona, wazithela phezu kwakhe esethule,” kusho uKhathi.
Uveze ukuthi umufi ubengasafuni ukuthandana nomsolwa ngenxa yesikhwele nokuhlukumeza.
“Umbulala nje, ubesanda kumtshela ukuthi abahlukane, wathi okungenani bazoqhubeka uma eseqede u-matric wakhe ngoba ubudlelwano buyamthikameza esikoleni,” kusho uKhathi.
Uthi bakholwa ukuthi udinwe yilokho wambulala.
Udalule ukuthi nyakenye, ngesikhathi umufi ezama ukubuqeda ubudlelwano bakhe nomsolwa, wamkhiphela ummese, ethi uzomgwaza ambulale.
“Wakwenza lokhu phambi kwabantu, waze wathi omunye umama wendawo, uma esemgwazile yena uzowutshela umndeni wakhe ukuthi umbonile embulala,” kusho uKhathi.
Uthi unina kamsolwa uveze ukuthi uyasola ukuthi indodana yakhe isenzile isehlo, njengoba ngoLwesine ekuseni, imcele imali yathi ifuna ukuthengela umufi okudliwayo ngoba akaphilile.
“Wathi uthe uzothenga isinkwa, upholoni ne-drink. Lezi zinto zificwe endaweni yesigameko ngosuku okutholwe ngalo isidumbu. Sisola ukuthi wayezitshela ukuthi usazophaphama umufi,” usho kanje.
Uthe okubuhlungu ukuthi umsolwa wenza lomuga nje, umndeni awunayo ngisho imali noma umasingcwabisane wokungcwaba umufi.
Uthe yize eshone ngeledlule, izinhlelo zomngcwabo azikaqali ngoba abazi bazothathani bahlanganise nani.
Uveze nokuthi bahleli ngokwesaba njengoba umsolwa esagcwele amathafa.
UMphathiswa wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza, uzwakalise ukudabuka nokudinwa kulandela isigameko.
Uthe ukuqhubeka kokubikwa kwezigameko zokuhlukunyezwa kwabantu besifazane esifundazweni kuyifu elimnyama emiphakathini eyehlukene.
“Sikhathazekile ngabenza isihluku, abazibona benelungelo lokuphatha abantu besifazane, betshala ukwesaba nokuhlukumeza. Yize umnyango nezinye izinhlaka zenza konke okusemandleni ukulwa nesihlava, imizamo yethu iwela ezindlebeni ezingezwa,” kusho uNkk Khoza.
Unxuse umphakathi ukuthi usukume ulwe nezigameko zokuhlukunyezwa kwabesifazane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aKwaSawoti avule idokodo lokufa komuntu ukuba liphenywe emva kokutholakala kwesidumbu sowesifazane sinamachaphazelo egazi.
“Izinsolo zithi kungenzeka ukuthi wawa wazilimaza kodwa kuzolindwa imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu ukuze kucace ukuthi ubulawe yini,” kusho uNetshiunda.