KUSHAQEKE amalungu omphakathi eChesterville, eThekwini, emuva kokuthi owesilisa obesebenzela uMasipala iTheku etholwa oshonile futhi kusolakala ukuthi uzidubulile izolo ekuseni.
Isidumbu sikaMnuz Thulani Ngcobo silandwe ekujuleni kwehlathi ngamaphoyisa nabezimo eziphuthumayo.
Kubikwa ukuthi umufi utholwe nesibhamu esandleni okusolwa ukuthi uzidubule ngaso. Kuvele ukuthi isidumbu besikade sinenxeba lokudutshulwa ekhanda.
Sitholakale ehlathini eliphakathi kwemigwaqo uDenis Shepstone noHarry Gwala kuleli lokishi.
Omakhelwane bakamufi, abacele ukungadalulwa amagama abo ephepheni, bebeshaqekile besho nokuthi ibaphethe kabi into eyenzekile.
Bachaze umufi njengomuntu obezilungele futhi ezithulela.
“Ubumbona kuphela uma ephuma ngemoto eya emsebenzini futhi abuye ntambama angene lapho ebeqashe khona ehlala nomkakhe nengane. Ubengaphuzi futhi engabhemi,” kusho umakhelwane.
Isolezwe lifike lapho kutholwe khona isidumbu kusaphithizela, kuqhuma isililo samalungu omndeni kamufi nabekade esebenza nabo emkhandlwini.
Bonke bebekhuluma kahle ngomufi bebuzana bodwa ukuthi ngabe yini emenze wanquma ukuzibulala.
Ithimba lamaphoyisa nabezimo eziphuthumayo bathwale kanzima belanda isidumbu lapho sitholakale khona.
Basifake esikhwameni base besibophela ohlakeni.
Siqukulwe saweliswa umfula kodwa kwaba wumzukuzuku sesidonselwa endaweni ephakeme ngezintambo lapho besilindwe khona ngabasebenzi basemakhazeni kahulumeni abahambe naso.
Abezokuxhumana kuMasipala iTheku bathe abazi ngalolu daba ngakho akuxhunywane namaphoyisa, okuyiwona aphenyayo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseCato Manor aphenya idokodo ngokushona komuntu.
Uthe izolo ngo-7 ekuseni amaphoyisa abizelwe endaweni yesehlakalo ehlathini eliChesterville lapho efice khona isidumbu sendoda eneminyaka engu-50 sinenxeba lokudutshulwa ekhanda.
“Kusolakala ukuthi umufi uhambe ekhaya lakhe ekuseni kwathi ngokuqhubeka kwesikhathi washayela ucingo umndeni wakhe ewazisa ukuthi usesehlathini. Lo mndeni unikele kuleli hlathi lapho ufice khona isidumbu sakhe nesibhamu,” kusho uConst Ngcobo.