KUQALWE kabusha ukwakhiwa kodonga olude, oluqinile oluzohlukanisa iNingizimu Afrika neMozambique.
Lokhu kuvezwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube ngeSonto, ngesikhathi ehambele umphakathi owakhele iManguzi, enkundleni yezemidlalo, KwaMshudu.
UNkk Dube-Ncube uthe useyalele uNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, ukuthi aqinisekise ukuthi umnyango wakhe usebenza ngesivinini ekuqedeni lolu donga oseluvele luqalile ukwakhiwa.
Uthe bayakholwa ukuthi ukuqedelwa kokwakhiwa kwalo kuzolekelela ekulweni nobugebengu emngceleni wakuleli neMozambique okukhona kubo nokwebiwa kwezimoto.
UNkk Dube-Ncube uthe uyile ukuyohlola umsebenzi wathola ukuthi ukwakhiwa kodonga olungamakhilomitha amahlanu ubude, sekuvele kuqaliwe.
“Lolu donga luzohamba ibanga elingamakhilomitha ayisishiyagalombili ukusuka emngceleni weSimangaliso Wetlands Park, lugudle luye ngasemngceleni weTembe Elephant Park,” usho kanje.
Uqhube wathi ngalokhu bahlose ukuthi bavale nezintuba ezingekho emthethweni emngceleni wakuleli neMozambique eziholela ekutheni kubhebhetheke ubugebengu phakathi kwala mazwe.
“Sifuna ukukubeka kucace ukuthi ukwakhiwa kwalolu donga kufanele kuphothulwe ngokushesha. Senza konke okusemandleni ukuthi silwe nobugebengu bokwebiwa kwezimoto ezeqiswa umngcele,” kusho yena.
Ubuye wathi bukhona nobunye ubugebengu basemngceleni abalwa nabo njengobokweqiswa kwezimpahla zomgunyathi kanjalo nokungena kwabokufika kuleli ngokungemthetho.
Kuzokhumbuleka ukuthi ukwakhiwa kwalolu donga kwama kulandela izingqinamba nosonkontileka owayekhethiwe phambilini.
UNkk Dube-Ncube uveze ukuthi ukuqhubeka kokwakhiwa kwalolu donga kuzodala namathuba omsebenzi entsheni kanjalo nakubantu besifazane bendawo yaKwaMhlabuyalingana.
Echaza ngezinye inhlelo zokulwa nobugebengu kule ndawo, uthe balungise isiteshi samaphoyisa saseManguzi, banezela izimoto zamaphoyisa kuso baphinde baletha nesiteshi samaphoyisa esingumahamba nendlwana KwaSkhemelele.
Uthe lokhu kuthe ukulehlisa izinga lobugebengu endaweni, wathi yize kunjalo bakhathazekile ngokubulawa ngesihluku kwalabo abebesekhaleni lokulwa nobugebengu obenzeka emngceleni.
Ezigamekweni ezehlukene, kubulawe oMnuz Judah Mthethwa, Mnuz Sandile Tembe noMntwana uZakhele Tembe. Bobathathu badutshulwe babulawa ezigamekweni ezehlukene ngabantu abangaziwa nonyaka.