USUVULIWE uthelawayeka uN6 kulandela isiphihli sengozi eyenzeke ngokusa kwangoLwesithathu phakathi kweReddersburg neSpringfield, eFree State.
Le ngozi idlule nemiphefumulo yabayishumi okukhona nentombazane eneminyaka emibili, kwalimala kabi abantu abangu-27.
AbeRoad Traffic Management Corporation (RTMC) bathumele ithimba elizophenya imbangela yale ngozi njengoba kuphenywa icala lokubulala ngokungenhloso.
“I-RTMC ithumele ithimba labaphenyi eFree State ukuyoqala uphenyo ngengozi ebulale abantu abayishumi entathakusa. I-RTMC iphinde inxusa abashayeli ukuthi bagweme ukuhamba ekuseni ngoba imibiko iveza ukuthi izingozi ezimbi kakhulu zenzeka entathakusa,” kusho okhulumela uSimon Zwane okhulumela umnyango wezokuthutha esifundazweni.
Kudingeke ukuthia kuvalwe umgwaqo isikhathi eside ukuze kuhlengwe kahle abalimele futhi kukhucululwe nendawo yesehlo.Le ngozi ikhalise abaningi ezinkundleni zokuxhumana bekhala ngokwanda ngokungabekezeleleki kwezingozi ezidlula nemiphefumulo.
Ntombifuthi Luthuli Baphume beya kozamela imindeni yabo ngethemba lokuthi bazobonana ntambama akubange kusenzeka
Bhenoh Wakoh Ngobe Kulukhuni Izingozi ngala ziyasiqeda, ababulali bayasiqeda ngala ay kunzima kulo mhlaba, balale ngokuthula.
Nomusa Mpanza Ngendlela osekushonwa ngayo uze ufise sengathi ngabe wafa kuqala usuku nosuku ayii ngeke